Impilo Imanaphanapha
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMarkhu 8:11-13 Khona kwafika abaFarisi, baqala ukuphendulana naye befuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini, bemlinga. Wabubula emoyeni wakhe, wathi: “Lesi sizukulwane sifunelani isibonakaliso na? Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikunikwa sibonakaliso.” Wabashiya, wabuye wangena emkhunjini, wamuka, waya ngaphesheya.
![](https://cwcontentserver.com/wp-content/uploads/Zulu-Images-1.jpg)
Uma ungumuntu ofana nami uyakuthanda ukwenza izinto ngokuhlelekile empilweni .Ngicabanga sonke siyakufisa ukuthi impilo isakhele umqondo,ihlawumbiseleke,ukuthi abantu babone izinto ngendlela esibuka ngayo futhi baphendule kithi ngendlela esibalindele ngayo .Angithi kumnandi lokho!
Kodwa ngeshwa impilo ayihlali injalo .Ake uthathe isibonelo uJesu.Konke akwenza kuhle .Wasindisa abashwabene uhlangothi,abangaboni nalowa wesifazane owayenomopho.Waveza umusa kaNkulunkulu ezonini nababekwe eceleni empilweni.Washumayela ngamandla kodwa ngokwendlela ekhanda umqondo kubantu abaphansi ngokwezinga elashukumbisa abantu ekujuleni .Nokho noma kunjalo abaholi bezenkolo babenganelisekile .
NgokukaMarkhu 8:11-13Khona kwafika abaFarisi, baqala ukuphendulana naye befuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini, bemlinga. Wabubula emoyeni wakhe, wathi: “Lesi sizukulwane sifunelani isibonakaliso na? Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikunikwa sibonakaliso.”
Wabashiya, wabuye wangena emkhunjini, wamuka, waya ngaphesheya.
Ngempela ? Kwakumele bamvivinye ? Abazange babone nje ubuhle bonke ayebenza qede bamangale nabo bashukumbe njengabantu bonke ? Kodwa ….yilona nani okukubiza lona ukuba semsebenzini wenhliziyo kaNkulunkulu.
I-artist, umbhali ongumfundisi , u-Mandy Smith ukubeka kanje lokhu UJesu wayehamba ezindleleni eziyimigwaqo yothuli ,ewela emanzini ayeludaka ,Wathinta izinkulungwane zezandla ezazigcwele amagciwane.Waguqula amatafula ,imiqondokuphila eyase inesikhathi izinzile kubantu …nokufa imbala .
Ngakube lokho kuzwakala kuyimpilo ehleleke kamnandi nekwazi ukuhlawumbiseleka ikusasa layo ? Lutho sanhlobo! Uma ukhetha ukulandela uJesu yazi lokhu : Impilo izoba manaphanapha .
Kujwayele lokho .Yilona nani lokwenza umsebenzi woMbuso weZulu .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.