Inani Lokufelwa
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Genesise 9:6 Ochitha igazi lomuntu ,igazi lakhe liyakuchithwa ngabantu ,ngokuba uNkulunkulu wamenza umuntu ngomfanekiso wakhe.
Yini le eyenza mina nawe sibe nenani elehlukile elikhulu kakhulu ,yini lento eyenza thina sehluke engulubeni ephila kamnandi namhlanje kodwa uthole kusasa isivese yayiswa ekuhlatshweni kwalula nje ukuba iphendulwe u-bacon?
Ngolunye usuku ngisemotweni ngiya ekhaya ngezintambama ngilalele i-radio babe interviyiwa ummeli wamalungelo ezilwane .Lokho impela .Ezilwane hhayi oluntu .Umhlaba sewuhlukile kakhulu manje .
Ungizwe kahle – sonke phela akekho ofuna ukubona izilwane zihlukumezeka .Lokho kubi futhi akwamukeleki.Kodwa manje ummeli wamalungelo ezilwane ? Ngempela?
Lokho kwangenza ngathi ukucabanga kancane .Nebala phela kukhona ukuhlukumezeka kwezilwane ngoba phela cishe usuku nosuku sonke siyawudla u curry wenyama yemvu,yenkukhu,yenkomo ,kakotshi noma yenhlanzi .Siphuza ubisi ,sidle o-cheese ,sipholokoshele nopholoni.Ngamanye amazwi sisebenzisa izilwane ukuphila ngazo ,okuvamise okubiza impilo yazo uqobo .
Manje,sonke imvamisa asinankinga sonke ngoba kuyinto eyamukelekile ukuthi inani lezilwane liqhele ngamalengiso kwinani lempilo yomuntu .Umbuzo usekutheni ,kungani? Azikho zinhle ngokuncane kunoluntu.Iningi lazo zinhle kakhulu izilwane lezi .Zishodwa kuphela ngokuba ngabantu .Manje pho ke lokhu kungani?
Impendulo enamandla engayithola ngeyokuthi mina nawe sakhiwe ngomfanekiso kaNkulunkulu.Njengesithombe sekhethelo sobuciko esivelele esisayinwe yiciko – sonke sinalolophawu.Futhi lokho kuyinto enkulu.Futhi kahle hle kunenani elikhulu ,okungakho uNkulunkulu ethi :
Genesise 9:6 Ochitha igazi lomuntu ,igazi lakhe liyakuchithwa ngabantu ,ngokuba uNkulunkulu wamenza umuntu ngomfanekiso wakhe.
Yeka iqiniso elihle kakhulu kangaka .Mina nawe sakhiwe ngomfanekiso kaNkulunkulu.
KuYe kulinani alifanela ukulifela .UJesu . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..