Inhlakanipho Eyimfashini Endala (4)
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KuThithu 2:6,7 Ngokunjalo ubayale abesilisa abasha ukuba babe ngabaqondileyo, uzibonakalise kukho konke ube yisibonelo semisebenzi emihle, nasekufundiseni kwakho ubonakalise ukungonakali, ube nesizotha
Ukuba mfazimunye ngumthelela oliqhaza elikhulu ezweni esiphila kulo owalethwa ngubuKhrestu .Obiza ukuba amadoda akhombise uthando ,anakekele futhi enze ukuzithiba ebudlelwaneni nabasifazane lokho kulethe inzuzo enhle enkulu engakholakaliyo .
Yebo iqiniso lithi izinto zisaqhele ngamalengiso ekubeni perfect uma sekuziwa ebudlelwaneni bowesifazane nowesilisa . Kwamanye amazwe abasifazane abatholi amathuba emisebenzi efanayo njengabesilisa ,amaholo nanokuningi okunye .Futhi yebo amadoda amaningi awakafundi ukuzithiba awakabi nohlobo lwenhlakanipho edingekile ukuphatha kahle abesifazane ngothando nokubahlonipha ,ncimishi ngokwendlela uNkulunkulu ayehlele ukuba kube kanjalo .
Besilokhu sidingida ivesi lethu izinsuku ezimbalwa ezedlule sikhuluma ngamadoda amadala nabesifazane abadala ngokokuba ngama role model bafundise futhi abesilisa abancane nabesifazane abancana ukuthi baziphathe kanjani.
KuThithu 2:6,7 Ngokunjalo ubayale abesilisa abasha ukuba babe ngabaqondileyo, uzibonakalise kukho konke ube yisibonelo semisebenzi emihle, nasekufundiseni kwakho ubonakalise ukungonakali, ube nesizotha
Uthanda noma ungathandi kumile ukuthi amadoda anezikhwepha ngokunamandla ngokwesakheko somzimba uma eqhathaniswa nabesifazane ,lokho esikhathini sakudala okwaholela esihlukwini esibi sokuhlukunyezwa kwabesifazane –kuyishwa ukuthi lokhu kusenzeka kwezinye izindawo ,imishado nakobunye ubudlelwane ngisho nakulezinsuku .
Ngakho ,nakuba izibhalo zabhalwa eminyakeni engu 2000 eyadlula ,ukufundisa abesilisa abancane ukuba bahlakaniphe kusesemqoka nanamhlanje ,njengakudala.Nina madoda amadala nimelwe ukuba ngama role model abo kulokho.Nimelwe ukubafundisa ukuthi babaphathe kanjani abantu besifazane ,nikwenze lokhu ngokubakhombisa ukuthi nina luqobo nibaphatha kanjani abantu besifazane .
Mangase kuthiwe thina esingamadoda amadala ,sikusophe sikuqonde siqine kukho futhi ukufundisa izinsizwa ezisencane ukuhlakanipha ,zibe serious ,zithembeke – yeka umehluko obuzoba khona kulomhlaba .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.