Into Esemqoka Ngukuthi Ulinda Kanjani
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Amahubo 130:5,6 Ngiyalindela uJehova ,umphefumulo uyalinda;ngiyalethemba izwi lakhe .Umphefumulo wami uyalindela iNkosi,kunabalindi belindela ukusa.
Ngeke ukwazi ukufunda ibhayibheli isikhathi esihle ungazange wafika esiphethweni esingajabulisi.UNkulunkulu ubheke kithi ukuba sibekezele. Futhi ukuthola ukukwazi ukubekezela kusesikhathini lakhona silinda esisuke sixolela ukukubona njengesenzo esivela kwi –side likaNkulunkulu.
Sonke sihlukile .Abanye abantu bangosuka ahlale ,abanye bazibekele umoya phansi .Nami nginguloyo ongusuka ahlale ,ngakho lendaba yokulinda uNkulunkulu ukwenza izinto ayikaze ibe yinto engidalwe ngayiyo ngokwemvelo yami kodwa ngiya ngokuya ngikhula kuyo.
Babo ,phela mina ngiqonde la esikhathini khona ufuna izinto zenzeke khona manje ngokushesha ,angithi? Lakhona udinga ukusindiswa emzimbeni ,lakhona ubhekene nobunzima obuthile ,ufuna uNkulunkulu abulungise hhayi ngesonto elizayo noma ngenyanga ezayo .Umfuna akulungise khona namhlanje !
Ngakho into elula ukuyenza ,ngukulinda kuNkulunkulu kwazise phela awuna choice enye ,kodwa ukwenza ngomoya ongemuhle .Ugcwele ukuhlulwa ukulinda ,unokukhalaza enhliziyweni yakho ,ngiqinisile mangisho njalo? Cishe yilokho kanye umhubi ayekuzwa ngamhla ebhala lamagama :
AmaHubo 130:1,2 Ngikhala kuwe Jehova ngisotweni phansi .Nkosi yizwa izwi lami;izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.
Sonke sesike saba kulesosimo ;sonke siyakuthola lokhu.kodwa kumavesi ambalwa ngenzansi uqhubeka athi ….
Amahubo 130:5,6 Ngiyalindela uJehova ,umphefumulo uyalinda;ngiyalethemba izwi lakhe .Umphefumulo wami uyalindela iNkosi,kunabalindi belindela ukusa.
leligama elithi ukulinda la lisho ukulinda ngokubheka ngethemba okuzokwenzeka ,ngokugcwala ithemba ukuthi uNkulunkulu nakanjani kukhona azokwenza .Siba kanjani nalelothemba ? Yingoba ithemba lakhe liseZwini likaNkulunkulu ,eliphilayo nelisebenzayo ,eliyoma ingunaphakade naphakade lingapheli amandla .
Linda ngesineke ngethemba eZwini . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..