... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Isipho Sokuzethemba

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KwabaseKhorinte 5:6-8 Ngakho simi isibindi ngesikhathi sonke, sazi ukuthi, nxa ikhaya lethu lise semzimbeni, sahlukene nekhaya eliseNkosini; ngokuba sihamba ngokukholwa, asihambi ngokubona; simi isibindi, singathanda kakhulu ukwahlukana nekhaya elisemzimbeni, sihlale ekhaya eliseNkosini.

Listen to the radio broadcast of

Isipho Sokuzethemba


Download audio file

Baye bethi abazi kangcono ,impilo ifuna abantu abahlale befunda okusha .Futhi nebala siyakwenza lokho.Abantu abaqwala izintaba ,abadabula ulwandle baphumele kweminye imihlaba,bahube emoyeni  baye kwezinye izindawo ezingajwayelekile ,abantu abakwazi ukwedlula emingceleni esicatshangwe iminyaka ukuthi uluntu ngeke lwedlule kuyona .Inkinga ngukuthi  iningi lethu alibona abafuna ukufunda izinto ezintsha

Asithembeke ,siyathanda ukuba ntofontofo la sikhona futhi siphile ngomgudu wegundane lona elazi kahle malisuka la kumi kanjani endleleni.Yebo nebala asibi nankinga ukuthola okusha okusimangazayo kodwa kuhle uma thina singababukeli bakho mhlampe kwi –TV hhayi kube yithi ama –discover akho empilwni yangempela!

Thina MaKhrestu siyathanda ukucaphuna izibhalo la ezithi khona sihamba ngokukholwa hhayi ngokubona .

Yebo nebala …kuze kube ngukuthi asisaboni ukuthi yini ezayo ezolandela .Kuze kube ngukuthi seziqala ukungajabulisi kakhulu .Kuze kube ngukuthi impilo isiyasesabisa .Kulapho kanye esisuke sesilangazelela ukuphepha khona.Umphostoli uPhawuli ne team yakhe babehlushwa bezingelwa ,bekhashelwa ,beshawa ,bexoshwa ezindaweni ,befelwa yimikhumbi   bese manzini…kuningi kakhulu nokunye .Okulapho kulezonselelo abhala lenkulumo : 

2 KwabaseKhorinte  5:6-8 Ngakho simi isibindi ngesikhathi sonke, sazi ukuthi, nxa ikhaya lethu lise semzimbeni, sahlukene nekhaya eliseNkosini; ngokuba sihamba ngokukholwa, asihambi ngokubona; simi isibindi, singathanda kakhulu ukwahlukana nekhaya elisemzimbeni, sihlale ekhaya eliseNkosini.

Uyalazi igama eliveze ligxume lize emqondweni wami mangifunda lendaba ? Isibindi !

Ngakho simi isibindi ngesikhathi sonke ngisho nala khona izinto zingahambi kahle ,ngisho nala khona ebukeka eqhele kithi ngamalengiso ,ngisho nala khona …..ngoba sihamba ngokukholwa asihambi ngokubona .

Yizwa lokhu engikushoyo.Lezokhathi ezibuhlungu eziphekanayo zizofika ezimpilweni zethu .Futhi kuphakathi nazo lakhona kuzomele mina nawe sithembele kuJesu  ngokholo  ngenxa yokuthi asikwazi ukubona okuzayo .Kuyisifundo esingakwazi ukusifunda kuphela kulezokhathi ezinzima .Kodwa ngesikhathi sisifunda uNkulunkulu usinika isipho esihle kakhulu ngaphezu kwegolide .

Isibindi . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..