... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukulinda Ukufa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFiliphu 1:20,21 Njengokulangazela nokwethemba kwami ukuthi ayikho into engizakujabhiswa kuyo, kepha ngesibindi sonke, njengasezikhathini zonke namanje, uKristu uyakwenziwa mkhulu emzimbeni wami, nokuba kungokuphila nokuba kungokufa.

Listen to the radio broadcast of

Ukulinda Ukufa


Download audio file

Ingani impilo ingempela ? Ngakube ingokuthi sihlale sivuka silale sivuke futhi senze into eyodwa zonke izinsuku,silinde  isiphetho sayo esingaziwa sinini ? Yazi abanye abantu bayiphila kanjalo impilo yabo futhi okuthi uma siqhubeka sikhula ,singenwa wukulindela isiphetho kuphela  esingasazi simbala muni.

Kunini lakhona siphonsa ithawula ngempilo? Sengike ngabona abaseko 30 wobudala nabako 100 weminyaka abakulahle le kude ukulinda isiphetho  belokhu bejika nelanga kodwa kunalokho  basebenzele uNkulunkulu emsebenzini waKhe begcwele  umdlandla nempokophelo.

Yebo nebala ,sikhathi thizeni mase sifikile impela lomzimba uyozilahla amathambo qede uphumule umphumulo waphakade.Kodwa singakafiki lesosikhathi ,ngingakubuza yini ukuthi  uyiphila ngamandla nempokophelo impilo yakho ,kumbe  usuvele wayisijaka esikhathele esilinde  usuku lokufa kuphela ?

UMphostoli uPhawuli wabhala lenkulumo esejele ezobulawa:

KwabaseFiliphu 1:20,21 Njengokulangazela nokwethemba kwami ukuthi ayikho into engizakujabhiswa kuyo, kepha ngesibindi sonke, njengasezikhathini zonke namanje, uKristu uyakwenziwa mkhulu emzimbeni wami, nokuba kungokuphila nokuba kungokufa.

Impendulo kaPhawuli yabe isobala : ukuphila kwakungengaye ,kwakungoJesu .Kwakungokuvumela uNkulunkulu asebenze ngempilo yakhe  ukuletha inkazimulo kuKhrestu ,kwakungengakho ukuthi ngakube impilo i-fair noma i-unfair ,noma ingokuthi izimo zakhe zimnandi zintofontofo noma ziyahlaba,noma kwakhona  uzophila noma uzofa .

Kunento eyenzekayo uma simenza uJesu abe yiNkosi ngokweqiniso phezu kwezimpilo zethu ;uma senza konke kube ngaYe esikhundleni sokuthi kube ngathi.

Uphefumulela kithi inhloso nempokophelo yokuphila ,kunye nethemba emphefumulweni wethu.Usinika impilo efanele impela ukuphila ngokunenani.Okwehlukile kulokho ,wukuphila impilo engenamgomo ,kodwa ube ngozihlalele egumbini lejele lakho ,ulinde ukufa kuphela ,kuwe kuzoba yikuphi ? Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..