Into Ongayenza EGetsemane
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMathewu 26:36 Khona uJesu wafika nabo endaweni ethiwa iGetsemane, wathi kubafundi: “Hlalani lapha, ngisaya kukhuleka laphaya.”
Indaba kaJesu ezilahla phansi ebubula osizini ekhuleka ensimini yaseGetsemane andukuba aye ekubethelweni ,akuyona neze indaba emnandi ,ephephile ,elula nje.Iyingozi .Inzima …iphonselana inselelo.
Ngolunye usuku ngangikhuluma nomshuthi wezithombe odumile u-Ken Duncan mayelana nohide lwezithombe azifaka encwadini yakhe;ethi, “Where Jesus Walked”.
Manje esinye sezithombe esathatha amehlo ami yilesi asithatha engadini yaseGetsemane ,indawo lakhona uJesu akhuleka ngaphambi kokuba akhashelwe abethelwe .
Kulengadi kuneminqumo yamafutha.Ebukeka ingemdala nengeyoqobo.Empeleni uDuncan wangitshela ukuthi kunamathuba amaningi ukuthi yiyo kanye leminqumo uJesu ayethandaza ngaphansi kwayo .
NgokukaMathewu 26:36,39 Khona uJesu wafika nabo endaweni ethiwa iGetsemane, wathi kubafundi: “Hlalani lapha, ngisaya kukhuleka laphaya.” Waqhubeka ingcosana, wawa ngobuso bakhe, wakhuleka wathi: “Baba, uma kungenzeka, akudlule kimi lesi sitsha; nokho kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.
Yingakho nebala ibukeka imidala .Mangase kuthiwa iyakhuluma.Eminyakeni engu 2 000 isakhona.Futhi zikhathi zonke ,umyalezo onamandla eyawubona uphinyiselwa ngaphansi kwayo ,awukakaguquki.UJesu wafa esiphambanweni ngami nawe ukuze akhokhele inani lokulahla kwethu uNkulunkulu.
Futhi ngesikhathi ngisabuka lezozihlahla esithombeni,zibukeka zimi laphaya njengofakazi basendulo ,njengesimemo esiphilayo somyalezo owakhulunywa ngaphansi kwazo.
UJesu wafa wavuka ngenxa yakho.Intethelelo yaKhe ,umusa waKhe ,isihawu saKhe singawe.Isimemo size kuwe sihlobo sami.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..