Isihe SikaBaba
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Amahubo 103:13,14 Ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu ,uyakhumbula ukuthi siluthuli.Izinsuku zomuntu zinjengotshani ,uyakhahlela njengembali yasendle.
Busuku bumbe saba nesidlo sakusihlwa esimnandi sivakashelwe ngumhlobo wethu. Indodana yakhe nomakoti wakhe babelindele ukufika komntwana .Kodwa phakathi nesidlo wathola ucingo olwaluvela kumkakhe olwalumsanganisa ingqondo.
Angikuzwanga okwakukhulunywa kodwa ngesikhathi ngibona ubuso bakhe buguquka ngaba nolwazi ukuthi yini eyenzekile .Umakoti wakwakhe wayephuphunyelwe yisisu ,ngakho balahlekelwa yilomntwana .
Okwakuvela ebusweni kwabe kuyisibuko nokwakwenzeka enhliziyweni yakhe .Kwabe kuyisihe nezibele zikababa,ubaba ekhalela izingane zakhe ,ngobuhlungu nolahlekelwa ababebhekene nakho .
Nakuba kwabe kuyisikhathi esasibuhlungu kakhulu kodwa yiyona ndlela okwabe kuzophetha ngayo emva kwesehlo.Inhliziyo yesihe sikababa ngezingane sakhe singubuqiniso boqobo.
Amahubo 103:13,14 Ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu ,uyakhumbula ukuthi siluthuli.Izinsuku zomuntu zinjengotshani ,uyakhahlela njengembali yasendle .
Kulula kangakanani empilweni yakho ngesikhathi usabhekene namagquma nemihosha yempilo ugcine ususikhohliwe isihe sikababa osezulwini? Enhliziyweni yakhe enkulu negcwele isihe sikababa ,uyakulangazelela .Uyabuzwa bonke ubuhlungu obuzwayo ngokokungathi buziwa nguye luqobo . Ngisho kungathiwa lokho kulimala kungumphumela wokuzilimaza wena . Ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu ,uyakhumbula ukuthi siluthuli
Ngakho esikhathini lakhona kubuhlungu kunsonsotha ,uphakathi nenhlupheko ekusanganisa ikhanda ,khumbula ukuthi ….uthando lukaNkulunkulu ngawe ,isihe enhliziyweni yakhe yokuba ngubaba akusona isifundiso nje esiyi- theory .
Yinto ephathekayo .Ephatheka ngokoqobo.
Yeka uthando lukaNkulunkulu ngami nawe shhlobo sami .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.