Isijeziso Osikhiphayo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaLukha 6:37 “Ningahluleli, khona anisoze nahlulelwa;ningalahli, khona anisoze nalahlwa; thethelelani, khona niyakuthethelelwa.
Ubhekana kanjani nabantu abenza izinto ezi wrong? Ubhekana kanjani nalabo abakulimazile ,abangakuthandi ,abakucwasayo ndlela thizeni ? Wenzenjani ingempela ?
Imvamisa iba yini impendulo yethu? Isijeziso .Kuzwakala sengathi ngiyawuhlohloloza lombuzo kuwe? Hlala nami .
Uma umuntu ekuchukuluzile angithi uyahamba uthole i-back up yakho ? Kuncika ekutheni unobubele ,umnene kumbe ungumuntu ongacucuzi umuntu umqonda ngqo ,kukabili ungazizwa ulimele qede udede okukanye umphindisele ngezakhe lomuntu .
Noma ngayiphi indlela ophendula ngayo ,ekujuleni uzobalahla ngecala ,uthole indlela yokubajezisa .Mhlawumbe uzovese uqhele ngokuphelele ,kumbe uzoqhubeka ucabanga izinto ezimbi ngabo , uzobabukela phansi ,ukhulume kabi ngabo ,utshele abanye bangebethembi.
Kunokuhlukahlukana ongaphendula ngakho ,kodwa noma yikuphi okukhethayo ,kubandakanya ukufuna ukuziphindisela ,ukubanika lokhu ngokwakho ,okubafanele .
Ngaphandle uma …..yebo nangu uJesu kuloludaba kanye :
NgokukaLukha 6:37 “Ningahluleli, khona anisoze nahlulelwa;ningalahli, khona anisoze nalahlwa; thethelelani, khona niyakuthethelelwa.
Mhlawumbe yindima yezibhalo edumile kuwe le,kodwa kukangaki uyifaka ngokwesimo la kunabakulimazile khona ,abakuphathe kabi ? UJesu ukhuluma ebudlelwaneni bakho ngokunamandla namhlanje ngalabobantu .
Ungabahluleli ,ungabalahli ,kodwa bathethelele .Ngoba kunemiphumela yalokhu kuwe nami,hhayi nje kuphela ngobudlelwane bethu nalababantu ,hhayi nje kuphela ngokuphila kwethu okuphelele,kodwa ekutheni uNkulunkulu naye uzosiphatha ngokufanayo .Funda ukuthethelela .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.