... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Isiko Lokungamukelani

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 4:17 Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokusho ukuthi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.”

Listen to the radio broadcast of

Isiko Lokungamukelani


Download audio file

Uhlobo lokuntela oluhle kakhulu encwadini yami ,wuhlobo lwamahlaya olwenza uhleke kodwa ucabange futhi sikhathi sinye ;uhlobo oluhlekisa umuntu ecashile kodwa futhi oluhlaba enhliziyweni ,ekujuluni  kwayo .

Ngike ngazithola ohlobweni olunjalo lwehlaya kokusasikhangiso kwi social media .Kwabe kungumdwebo kaJesu eshumayela ezixukwini  kunevesi lesibhalo elithi:

NgokukaMathewu  4:17 Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokusho ukuthi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.”

Ebese omunye esixukwini akhulume nomunye athi INdodana  kaNkulunkulu  ukusho lokhu , Ayibekezelelani /ayimukelani ,ngakube kunjalo ?!

Ukubekezelela nokuphilisana kuyo yonke into eyenziwayo kulezinsuku kumbe asithi ukumukelana ,kungayimpilo ethile ,ukwenza okuthile ….kungumgqumo wesimanje lo ukuthi asimukelane sinjalo . Isiko lokubukelana phansi linesihluku ngoba  linendlela yokuhudulela phansi omunye lingambekezeleli ngisho kuthiwa leyonto ubuyenza  yinto engaphumile emgqeni .

Yebo akufiki kwedlule ekungabekezelaneni  kunalokhu ; “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.” .Lombuso uJesu akhuluma ngawo ngukubusa kukaNkulunkulu ngokuphelele kulomhlaba ;Yena kanye lo ngokokusho kuaJesu ,ozokwahlulela abaphilayo nabafileyo ,uyophonsa engunaphakadeni elingenaNkulunkulu labo abangayikholwa iNdodana yaKhe ,leyondawo ebizwa ngesiHogo .

Ngakho wenzani ngalokho ? Kukabili  ummukisa namanzi uJesu – kumbe uthi,Yena wayengumuntu omuhle futhi waletha izinkambiso ezinhle ukuphila ngazo;kungenjalo ungavese umlaxeze ngokuphelele ,okuyinto eyenziwe ngabaningi .Kumbe ufaka enhliziyweni ubizo lwakhe nezexwayiso  . “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.”

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.