... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ithemba Elinye Phezu Kwelinye

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseRoma 15:13 UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele

Listen to the radio broadcast of

Ithemba Elinye Phezu Kwelinye


Download audio file

Lezinsuku esiphila kuzona ,ziyizikhathi ezinzima  – emhlabeni wonke ,kwimiphakathi ngemiphakathi ngisho nasezimpilweni zethu ngamunye .Futhi akukhathaleki ukuthi ukubuka kanjani lokho ,ezikhathini ezinzima , ‘ithemba’ yinto eyivelakancane . 

Mumva  le ngamhla umphostoli Phawuli ebhalela iBandla laseRoma ,kwakunokungqubuzana okukhulu phakathi kwamaKhrestu angamaJuda nangawabezizwe .Phezu kwalokho isihluku sesandla sensimbi sikaKhesari wesikhathi sabe sisimbi ngokweqile eBandleni . 

KwabaseRoma  15:13 UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele

Umkhuleko wakhe kwabe kungukuthi senga ithemba likaNkulunkulu lingabagcwalisa   ngentokozo nokuthula okuchichimayo.Futhi kungabi yilokho kuphela kodwa  ithemba phezu kwelinye ,lize libelikhulu kakhulu ngokokungaphezu kokuba bangakwazi ukuliqukatha .Ithemba ngalendlela engachazeki ukuthi liyochichima kubona ngamandla kaMoya oNgcwele .

Uhlobo lwethemba uPhawuli akhuluma ngalo la ,yileli eliqhamuka ngqo kuNkulunkulu  njengentokozo nesibindi sokulindela kuMoya oNgcwele ,hhayi nje ithemba likamhlawumbe nelokuziqiniso okungatheni usuthi   “ hheyi ngithemba ukuthi izinto zizoba  ngcono  maduze” ,lelo wuhlobo lwethemba esisuke sizizama  ngalo ukuze sibe ne positive thinking kodwa lizilengela emoyeni lona ngokwalo . 

Ngakube wena sihlobo sami ,ungathanda lolohlobo lwethemba kulezikhathi ezinzima na ? Kungani ungayi kuNkulunkulu namhlanje  umcele uhlobo lwethemba elinjalo .Mcele ,ngokweZwi laKhe ngamandla kaMoya oNgcwele ukukunikeza ithemba elikhulu ,ukukugcwalisa ngentokozo enkulu  kunye nokuthula ,okuzoba ningi ngangokuba kuze kukapake .Mcele .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy