Izibele Nesihawu SikaNkulunkulu
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Joweli 2:12,13 Kepha manje usho kanje uJehova “phendukelani kimi ngenhliziyo yenu yonke nangokuzila ukudla ,nangokukhala nangokulila .” Niklebhule inhliziyo yenu hhayi izingubo zenu,niohendukele kuJehova uNkulunkulu wenu ,ngokuba yena unomusa, unobumnene wephuza ukuthukuthela ,unesihe esikhulu, uhawukela nomubi .
Impilo inomkhuba wokuvese eskhaleni isijikise ijika elimazongezonge kade umgwaqo usemnandi yithi labaya sesibhekene nokutsheka okungemnandi ;uthole ukuthi kade kuyincithisaka yonke into ngomzuzwana nje sekome nkwe ikati selilele eziko njalo ,kade sithokozile dukuduku sesisosizini njalo .Futhi okuthi uma siqhubeka siqhela kuNkulunkulu kusikhathi sinye kuba ngokudlulele .
UMphrofethi omdala weThestamente Elidala uJoweli wayebhala esikhathini esinjalo ;isikhathi samaqhwagi eshanela kwasani ,esikhathini sendlala ,izimo ezazishubile kubantu okwakwaziwa ukuthi bakhethwe nguNkulunkulu .
Kungani lokhu kwenzeka ? Kwakudalwa yini ingempela? Yebo uNkulunkulu wakuphendula lokho ngokungashayi eceleni ,ngomphrofethi wakhe :
Joweli 2:12,13 Kepha manje usho kanje uJehova “phendukelani kimi ngenhliziyo yenu yonke nangokuzila ukudla ,nangokukhala nangokulila .”
Niklebhule inhliziyo yenu hhayi izingubo zenu,niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu ,ngokuba yena unomusa ,unobumnene wephuza ukuthukuthela ,unesihe esikhulu ,uhawukela nomubi .
Abantu bakaNkulunkulu abakhethiweyo base beqhelile kuNkulunkulu ngenxa yezono zabo .Kuyenzeka nakuwe sihlobo sami ,angithi? Mina kuyangenza .Futhi esikhundleni sokubajezisa ahlabele phambili ,esikhundleni sokuqinisa kakhulu kubo uswazi kodwa okubalulekile ubabizela ukuba babuyele kuYe ngenhliziyo yabo yonke .
Niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu ,ngokuba yena unomusa ,unobumnene wephuza ukuthukuthela ,unesihe esikhulu ,uhawukela nomubi
Kwesinye isikhathi ,imvamisa lonke lelijika elinzima lempilo elivese lithi qithi singalindele kuyavamisa ukuba ngumphumela wesono sakho ,esakho nesami .Kodwa nakuba uNkulunkulu evumela imiphumela yezono zethu ukusehlela ekuphileni kwethu ukusibuyisela ezingqondweni zethu ,inhliziyo yakhe –inhliziyo yakhe enkulu nenamandla –ngukusibuyisela eduze kuYe .
Niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu ,ngokuba yena unomusa ,unobumnene
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.