Izinsuku Ezinde ,Iminyaka Emfushane
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseRoma 13:10,11 Uthando alwenzi okubi kumakhelwane; ngakho-ke uthando lungukugcwaliseka komthetho. Yenzani lokhu, njengokuba nazi isikhathi ukuthi sekuyihora lokuba nivuke ebuthongweni; ngokuba manje insindiso isisondele kithi kunaleso sikhathi esaqala ukukholwa ngaso.
Njengokuba ungathekiso lwesikhathi sokuphila lukhomba ukuthi siya ngokuya sehla kubantu bonke emhlabeni isikhathi sokuphila ,ngakho ungethembele ongathikisweni lokuphila ukungathekisa ukuthi usalelwe yisikhathi esingakanani kulomhlaba .
Mumva nje omunye umngani wami useke wazizwa sengathi uyacima impela ,kungasaphefumuleki .Okuthe engaya kudokotela owathi ukumhlola hlola ,qede wabe esemdlulisela ngokushesha esibhedlela ,ukuze ahlinzwe ngokuphuthuma esimweni ayekuso .Manje akucabange lomngani wami usengumqemane wensizwa eneminyaka engu 50 engantengantengi,akakaze abheme ,uhlale enza imidlalo evocavocanayo.
Wayengaba ngumuntu wokugcina engangingamcabanga ukuthi wayengajamelwa yimithambo yenhliziyo emithathu nokwenza .Usesindile manje ,siyambonga uNkulunkulu ngalokho ,kodwa indaba yakhe ikwenza ubone ukuthi ungeze wathembela ongathikisweni lwesikhathi sokuphila esishiwoyo .
Mhlawumbe unjengami ,ungumuntu osebenza kanzima kwinoma yini obeka isandla sakho kukho ,kuyimpambankwici ukuthi kubukeka nakuba izinsuku zizinde ,kodwa iminyaka ibukeka imifishane .Ngenkathi uqhubeka u-focused kokwenzayo ,kusikhathi sinye leyominyaka ibukeka intininiza ngejubane idlula masisha unganakile .
Futhi uma sekwenzekile konke empilweni ,i-legacy eyodwa oyoyishiya emhlabeni ,umaka oyosala kuphela ezimpilweni zabantu kuyoba wuthando esibakhombise lona .
KwabaseRoma 13:10,11Uthando alwenzi okubi kumakhelwane; ngakho-ke uthando lungukugcwaliseka komthetho.
Yenzani lokhu, njengokuba nazi isikhathi ukuthi sekuyihora lokuba nivuke ebuthongweni; ngokuba manje insindiso isisondele kithi kunaleso sikhathi esaqala ukukholwa ngaso.
Shlobo sami awusazi isikhathi esikusalele emhlabeni .Phaphama ,yisikhathi esimqoka lesi osiphilayo .Isikhathi sokuletha uthando simanje ! Ngoba isiphetho hleze siseduze kakhulu ngaphezu kobesingakucabanga .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.