Izisekelo Ezijulile
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Amahubo 18:2 Jehova uyiDwala lami,nenqaba yami nomkhululi wami,uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo ,nesihlangu sami ,nophondo lokusindiswa kwami,inqaba yami ephakemeyo.
Elinye lamaphutha amakhulu esingalenza kwadlula wonke amanye ,elokuthi sizitshele singakwazi ukwakha impilo enhle ngaphandle kwezisekelo eziqinile.Abaningi baye bazame ….wena ongafunga ukuthi isakhiwo esingenaso isisekelo esiqinile soke silokothe sime !
I-devotion ye-FRESH namhlanje iyafundwa ,ilalelwe futhi iyabukelwa umhlaba wonke ngezilimi eziningi ezahlukene. Kodwa noma ngabe ukuphi nomhlaba ,ake sibuke i-Sydney Harbour Bridge yakwelase Australia.Leli bridge lisebalazweni lomhlaba ,uzakwethu uhlala nje eduze nalo .
Uthi wake waba nomngani owayemvakashele eqhamuka kwelase US eMelika,ngakho wase ethi ukumlulisa izinyawo ukuyobuka leli-Bridge ngaphansi ,ngekhonco -abantu abaningi abangavamisile ukulibuka ngalo .
Angikutshele Mlaleli uma ulibuka ukulelokhonco uyabubona ubukhulu balo obumangalisayo .Inqwaba nqwaba yogqinsi lwezinsimbi ezahlanganiswa ndawonye ,zabambeka zathula zathi tuh,qede zapendwa ngamagalani angu 60 000 [272 000 ltrs] kapende futhi usuku ngalunye lithwala izimoto ezidlula kulo ezingu 200, 000…izisekelo ezinkulu zaleli Bridge zishona phansi edwaleni eliqine ngqi ,okuyilo lelidwala elenza lelibridge lingasindwa sanhlobo umumumatho wezimoto osindayo .
Futhi uma ukucabanga lokhu ,kunomuthwalo nomumatho omkhulu phezu kwempilo yami neyakho .Ake ucabange nje izinto ongena kuzo,imithwalo esindayo okubiza ukuba uyithwale ,ubuningi bezimoto obungalawuleki ,okuyitraffic okubiza ubhekane nayo empilweni yakho usuku nosuku .Uma ungenaso isisekelo esishona phansi sibambelele edwaleni eliqinile ,kuhamba kuhambe uvese ukhathale uthi qih phansi nomthwalo wena owabona imbongolo isilahla umthwalo ngenxa yokusindwa .Ngeshwa yiyona mpilo leyo abantu abaningi abayiphilayo.
Amahubo 18:2 Jehova uyiDwala lami,nenqaba yami nomkhululi wami,uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo ,nesihlangu sami ,nophondo lokusindiswa kwami,inqaba yami ephakemeyo.
Xhantisa izisekelo zakho endaweni efanele,edwaleni eliqinile bese uzakhe ziqine kakhulu .INkosi makube yiYo iDwala lakho.Enye yezindlela ukwenza izisekelo zakho ziqine zibe sendaweni efanele ,wukulalela uNkulunkulu ,umukele iZwi laKhe usuku nosuku enhliziyweni yakho.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..