Izizinda Zomphefumulo Wakho
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaJohane 1:4,5 Ukuphila kwakukuye, ukuphila kwakungukukhanya kwabantu ukukhanya kukhanya ebumnyameni, kepha ubumnyama abukwamukelanga.
Uma izinto seziphambana ezimpilweni zethu ,ngiqonde mina uma sezibheke eceleni lokhu kwangempela ,imvamisa umuzwa oshesha ukusifikela ngukusola abanye .Yiphutha elenziwe yibo bonke lababantu ,mhlawumbe ngisho noNkulunkulu naye ngiyambala kulento ,kodwa cha hhayi mina!
Kungenzeke sihlekele phansi kancane ngalokho kube salihlaya ,kodwa siyazi kuliqiniso .Ngenxa yokuthi sesibile kuleyondawo nathi ,iziqubu zilandelana .Uma sizobuka izimo zethu ngeso elisekubandeni ,esikhathini lakhona kunethunzi kungacacile khona osukwini ,uma singahlaziya izinto ezibandakanyeke ekutheni izinto zisihambele kabi ,nakanjani simelwe ukufika esiphethwini esithi nathi sibe nengxenye ekutheni kube nalesosimo esingahambanga kahle .
Kodwa inkinga asikwenzi lokho .Sixolela ukuzibeka eceleni.Sixolela ukusola umhlaba wonke ,kunokuthatha iphutha silibeke nathi emahlombe ethu .Futhi ngesikhathi siqhubeka sikwenza lokho ,kusikhathi sinye siphila emnyameni ,kusikhathi sinye umphefumulo wethu ungena ekubeni zisulu ,esikhundleni ngabe siphila impilo egcwele ukunqoba ,noma ngabe kungathiwa umhlaba yini osiphonsela yona . Asifake uJesu :
NgokukaJohane 1:4,5Ukuphila kwakukuye, ukuphila kwakungukukhanya kwabantu ukukhanya kukhanya ebumnyameni, kepha ubumnyama abukwamukelanga.
Uma siphila emnyameni wokuzikhohlisa [asikubize singahlonizi ngalo leligama ] into esiyidingayo ngukuba kubekhona ozokhanyisa ukukhanya ebumnyameni .Esikudingayo ngesikhathi impilo yethu igubuzelwe ngudaka lwesono ,yinkululeko eza ngokubona izinto ngokucacile ,njengokokuba zinjalo .
Yingakho uJesu weza ,ayi nje ukuzokhanyisa ukukhanya ebumnyameni laphaya ,kodwa ukuzokhazimulisa ukukhanya kwakhe ezizindeni ezimnyama zengaphakathi zomphefumulo wethu ngenxa yenhloso eyodwa ,yebo ngenhloso eyodwa phaqa .Ukusinika ukuphila ,ukuphila kwaKhe ,ekuchichimeni kwakho konke .
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..