Kungani UKhrestu Echukuluza Kwabanye
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaLukha 24:44-49 Wayesethi kubo: “Yiwo lawo mazwi ami engawakhuluma kini ngisenani okuthi: ‘Kumelwe ukugcwaliseka konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, nakubaprofethi nasemaHutsheni.’ ” Khona wayesevula ingqondo yabo, ukuze baqonde imibhalo. Wathi kubo: “Kulotshiwe kanje ukuthi uzakuhlupheka uKristu, avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu, kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema. Nina-ke ningofakazi balezi zinto. Bhekani, ngiyathumela kini isithembiso sikaBaba; kepha hlalani emzini, nize nembathiswe amandla avela phezulu.
Elinye iqhinga lalabo abamelana nathi ngobuKhrestu esiyibo ngukuthi basishekelele basijeme masikhuluma . Bazame ukusithulisa ngokuthi bakwenze kube yicala elichukuluza omunye ukukhuluma esikushoyo .
Emva kwakho konke ,balethe impikiswano yokuthi akuyena yini uNkulunkulu wothando esikholwa nguYe na. Futhi uthando luchaza ukumukela omunye .Luchaza ukumbekezelela ummukele enjalo .Uthando luchaza ukumfaka omunye umuntu empilweni noma ngabe uhlukile ,luchaza ukukwazi ukuhlangana sibe sehlukile nangezinkolelo .Basho konke ukukubrasha ikhanda .
Kodwa uthando lusho futhi ukukhuluma iqiniso . Abazali bami babengithanda ,ngakho abazange babekezelele ukuziphatha kwami okubi ,bavumele ukungabuseki kwami .Njeke .Kodwa manje izwe likhetha ukuzizwa lichukuluzekekile ngevangeli .Manje umbuzo uthi ngani ? U-Charles Spurgeon uyachaza : “UKhrestu ulimaza abantu ngokubachukuluza ngoba ivangeli lakhe alisibekezeleli isono ”.
Ukungabekezeleli isona kukaJesu yikho okumenze abe yitshe lokuqhuzula .
NgokukaLukha 24:44-49Wayesethi kubo: “Yiwo lawo mazwi ami engawakhuluma kini ngisenani okuthi: ‘Kumelwe ukugcwaliseka konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, nakubaprofethi nasemaHutsheni.’ ” Khona wayesevula ingqondo yabo, ukuze baqonde imibhalo. Wathi kubo: “Kulotshiwe kanje ukuthi uzakuhlupheka
uKristu, avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu, kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema. Nina-ke ningofakazi balezi zinto.
Bhekani, ngiyathumela kini isithembiso sikaBaba; kepha hlalani emzini, nize nembathiswe amandla avela phezulu.
Ukubambile lokhu uJesu akushoyo lapha ? Kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono. Akukho ukuthethelelwa ngaphandle kokuphenduka . Nebala ivangeli alisibekezeleli isono . Yilokho kanye mina nawe esibizelwe ukukumemezela .
Ngakho ungamangali uma abantu bechukuluzekekile belimele yivangeli.
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..