Lonke Ukholo Onalo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMathewu 17:19,20 Khona kwafika abafundi kuJesu bebodwa, bathi: “Thina besingemkhiphe ngani na?” Wayesethi kubo: “Kungenxa yokukholwa kwenu okuncane. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa njengembewu yesinaphi, niyakuthi kule ntaba: ‘Suka lapha, uye laphaya,’ iyakusuka; akukho okuyakunahlula.
Sewuke ube nawo lowomuzwa wokuthi , “anginalo ukholo olwanele ukukwazi ukudlula kulesikhisi esinzima ?” Esikhathini lakhona uludinga kakhulu ,ehlane ,ukholo lwakho lubukeke luncibilika lukushiya .Yebo angisho ukuthi awuwedwa !
UBerni uthi njengoba njengoba engungcweti owagogoda ezibalweni angakutshela ngokushaya esikhonkosini ukuthi namhlanje zinsuku ezingu 10 006 kusukela ngo -15th October 1995, weza kuJesu wazendlala kuYe wamcela amthethelele izono zakhe qede ahlale kuYe .
Njengokuba ungazicabangela nakuwe ukuthi noma siside lesikhathi kodwa zibile khona izigaba bekuyintaba kwesinye kube yimfunda ,lakhona ukholo lwakhe lubukeka luncibikele ludukile .Njengokuba ngishilo ngathi awuwedwa ,kahle hle sibaningi kulomdibi esikuwo:
NgokukaMathewu 17:19,20 Khona kwafika abafundi kuJesu bebodwa, bathi: “Thina besingemkhiphe ngani na?” Wayesethi kubo: “Kungenxa yokukholwa kwenu okuncane. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa njengembewu yesinaphi, niyakuthi kule ntaba: ‘Suka lapha, uye laphaya,’ iyakusuka; akukho okuyakunahlula.
Ngike ngabona isithombe sithi shwi kulezinsuku sembewu yenhlamvu yesinaphu into encu ncu ncu – imbewu eyayincane kunazo zonke esikhathini sikaJesu –yayisesandleni somunwe womunye .Kulesithombe kunombhalo othi : Qhela ngoba nginembewu yesinaphi futhi angesabi ukuyisebenzisa .
Futhi uma kungukuthi yilona lukholo lolo onalo angikutshele ukuthi lungaphezu kongaludinga .
Lendaba iyisikhumbuzo esinamandla .Indaba ayingakho ubungako bokholo lwethu kodwa ingamandla kaNkulunkulu wethu
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.