Ukwenza ukuxhumana
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
1 Samuweli 2:30 Kepha manje uJehova uthi: “… ngokuba abangidumisayo ngiyakubadumisa;abangidelelayo bayakweyiswa” …
Imvamisa siye simangale ukuthi kungani ukuthi nokuthi kungalungi empilweni….Asizibuzi nebala izinto ezinjalo? Kodwa engabe sike siqhathanise yini ukumhlubuka kwethu uNkulunkulu nokungamlaleli kwingxenye ethile yempilo yethu ,notavatava lotalatiya esiludalayo thina qobo kuYe.
Kuyachazana ukuthi ezinye izinto amaKhrestu akholelwa kuzo zibukeka ziyisidala.Njengokuthi intombi nensizwa bengayi ocansini bengakashadi.Awuyicabange nje leyo kulesikhathi esikuso lakhona izinto zishesha khona kangaka ,ivese ibe yihlaya leyo mawuyikhuluma!
Ngamhla sihlangana nonkosikazi wami sasisekuqaleni kweminyaka eko 30 .Emuhle enganabala ndawo.Kwakungaba lula ukuthi sivese sikipite sizihlalele ndawonye.Phela yiyona nto leyo abantu abayenzayo .
Kwakungelula ukuqala impilo yethu ngokwezimali ,kodwa sakwazi ukulindela usuku lomshado ukuze kube yilo oluyosinika igunya lokuba luphahla lunye .UNkulunkulu wangenelela ngezindlela eziningi ukuze sibe nezidingo ngqangi zokuphila sakwazi ukuluqala loluhambo ngokusizwa yiNkosi .Bese uthi uNkulunkulu akekho kulokho ,asikho isibusiso sakhe kukho,kumbe kuyinto yokubukelwa phansi ,lutho sanhlobo .
1 Samuweli 2:30 Kepha manje uJehova uthi : “…ngokuba abangidumisayo ngiyakubadumisa;abangidelelayo bayakweyiswa”……
Ngesikhathi siqala ukucabanga ngalokho,ngesikhathi siqala ukuphila impilo emdumisayo uNkulunkulu,usizo lwaKhe ,isibusiso sakhe ,amandla akhe avele athululwe phezu kwethu ngokuchichimayo.
Mhloniphe uNkulunkulu naye uyokuhlonipha.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.