Nangu Umehluleli
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMathewu 7:4,5 Ungasho kanjani kumfowenu ukuthi: ‘Ake ngikhiphe ucezwana olusesweni lakho;’ bheka, ugongolo lusesweni lakho. Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo esweni lakho, khona-ke uzakubonisisa ukukhipha ucezwana esweni lomfowenu.
Yah ,emhlabeni kugcwele abantu abangekho perfect futhi yebo,okuthi uma ingcindezi ikhula sigcina singenkamunkamu ngabo sesicikeka.Kodwa okuthi lokho uma kuqhubeka ,kusuke kwanda nobubi ngakho.Ngakho sewake wazibuza ukuthi bacabangani ngawe ,ngesikhathi usacikekile yibona ?
Asethembeke ,umhlaba uyakuzonda ukuzenzisa.Futhi uma kuthiwa bekungaya ngeqiniso ,mina nawe asinakulangazaleli lutho ngabo…inqobo uma kuseyibona abanjalo.Ngiqonde ukuthi ngokokuchaza yibo abangabazenzisi ,hhayii mina hhayi wena.Lutho sanhlobo
Sewake wamshayela i-hoot omunye umshayeli ekushintsheni kwakhe olayini emgaqweni engazange akhombise useyabashintsha ,engasebenzisanga i-indicator yakhe? Bese kuthi emzuzwini engemngaki kade ubhekene nalokho ,uvese uzithole nawe sewenza ncimishi njengaye !
Mina kuke kungenze.Outchh.Umzenzisi.
UJesu uthi ,ungahluleli abanye ,ukuze noNkulunkulu angakwahluleli.
Kodwa wayazi ukuthi ukuzenzisa ezinhliziyweni zethu kuyoba nzima kakhulu ukukugudluza,ukuthi kuyodinga isifundiso esinqala ,ngaphezu kwalokho nje.Ngakho wavese waqhubeka wabadubula ngalamagama nathi futhi aqonde kithi ngqo:
NgokukaMathewu 7:4,5 Ungasho kanjani kumfowenu ukuthi: ‘Ake ngikhiphe ucezwana olusesweni lakho;’ bheka, ugongolo lusesweni lakho. Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo esweni lakho, khona-ke uzakubonisisa ukukhipha ucezwana esweni lomfowenu.
Yebo impela …soze walokotha ukuhlanekezela lokhu akuchaza la ,ubungalokotha yini ?
Futhi into esengike ngayiqaphela yile yokuthi uma sizibeka njengabahluleli,nezimantshi nabashushisi,kugcina kuyithi esiphila impilo yethu sidumele.Kushanela impilo yethu ,ndlelanye nakubantu esiphila nabo .
Futhi ngale kwalokho….umhlaba uyamzonda umzenzisi.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..