Ngicabanga Kwakungu Dr Livingstone
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Eksodusi 33:13-16 Ngalokho uma ngifumene umusa emehlweni akho,ake ungibonise izindlela zakho ukuba ngikwazi,ukuze ngifumane umusa emehlweni akho,ubhekisise ukuthi lesisizwe singabantu bakho. Wayesethi: “Ngiyahamba mina uqobo ngikuphumuze na?”Wathi kuye : “Uma ungahambi wena uqobo usikhuphule lapha .Ngokuba kuyakwaziwa ngani ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho,mina nabantu bakho na? Akungalokhu yini ukuthi uhamba nathi ,ukuze sahlukaniswe,mina nabantu bakho,nabanye abantu abasebusweni bomhlaba na? ”
Uma into isuke isemqoka ngokweqiniso kuhlale kusemqoka ukuyisho uyiphinde ,angithi ? Futhi okusemqoka kimi nawe namhlanje ,kumbe nawo wonke umuntu okholwa nguJesu ,ngukukungagijimeli phambili engekho Yena .
UMose wayebhekane nokuningi ekuholeni u-Israel ewukhipha ebugqilini eGibhithe .Ekuqaleni uFaro wathumela amabutho akhe abe sezithendeni zika Israel .Okwathi kusenjalo u-Israel wakhalaza .Kwakunezinselelo ngamanzi nokudla ..njalo njalo .
Sake sakhuluma ngalokho ,kodwa ngiyazibuza ekaze lendaba yakuthola yini ukuzika kuwe enhliziyweni.Ngakho uma kungukuthi sewulibele ,nanku umkhuleko kaMose kuNkulunkulu:
Eksodusi 33:13-16 Ngalokho uma ngifumene umusa emehlweni akho,ake ungibonise izindlela zakho ukuba ngikwazi,ukuze ngifumane umusa emehlweni akho,ubhekisise ukuthi lesisizwe singabantu bakho.
Wayesethi: “Ngiyahamba mina uqobo ngikuphumuze na?”Wathi kuye : “Uma ungahambi wena uqobo usikhuphule lapha .Ngokuba kuyakwaziwa ngani ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho,mina nabantu bakho na? Akungalokhu yini ukuthi uhamba nathi ,ukuze sahlukaniswe,mina nabantu bakho,nabanye abantu abasebusweni bomhlaba na? ”
UMose wayengafuni sanhlobo ukuqhubekela phambili engekho uNkulunkulu .
USomishana ovelele ekhulwini leminyaka eladlula oweza lapha e- Afrika, u-David Livingstone, wakhuleka kanje : “Nkulunkulu ngithumele noma yikuphi ,inqobo nje mawuhamba nami .Futhi susa konke okunamathele enhlizyweni yami kuphela kube yilokho okunamathelisa inhliziyo yami kweyakho .”
Noma ngabe uhambo lukuphatheleni , noma ngabe zinkalo ziphi eziphambi kwakho ungazihambi wedwa .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.