Ngifundise
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Amahubo 143:10 Ngifundise ukwenza intando yakho ngokuba wena unguNkulunkulu;umoya wakho omuhle mawungihole emhlabathini olelelezekileyo.
Babili ,kumbe kubukeka zimbili izinhlobo zabantu kulomhlaba.Labo abanenhliziyo efundisekayo ,nalabo abangenayo .Labo abavulelekile ukuvuma amaphutha abo ,bafunde indlela engcono ,futhi babe soholweni lwempilo engcono …nalabo abangathi nyaka okungathi ndiki.
Ngakho …hleze kungakuhle ukuthi ngikubuze namhlanje ukuthi wena uluhloboluni? Manje ,yehlisa umoya ,ucabange kahle ,ungazenzi ingane ungazikhohlisi ,ngoba inhliziyo yomuntu inokhondolo olubi lokuzikhohlisa yona luqobo .
Ake ucabange udweshu owawubandakanyeke kulo .Ngakube wavuma ukuthi ngokwengxenye yakho uyimbangela yalo ,kumbe ekulubhebhezeni ? Kumbe wasola lo omunye umuntu?
Ngakube wamcela uNkulunkulu ukukukhombisa ukuthi uthethelele kanjani ,nokuthi izinto uzenze kanjani ngokuzayo ,kumbe wavese yonke into wayingcwaba wathi usazolwa luseza olunye usuku futhi ? Yimibuzo eyinselelo le ,akunjalo ?
Futhi ngesikhathi usazibuza yona uyiguqugula engqondweni yakho ,ake ulalele umzabalazo enye inceku kaNkulunkulu eyaba nawo ithandaza ngaloludaba kanye :
Amahubo 143:10 Ngifundise ukwenza intando yakho ngokuba wena unguNkulunkulu;umoya wakho omuhle mawungihole emhlabathini olelelezekileyo.
YiNkosi uDavide le esitha sayo sabe siyihleli izithonto sifuna umphefumulo wayo ,sasisho ukumcoboshisa phansi emhlabathini ,samenza wahlala emnyameni njengalabo asebekade baba mathambo amahlophe . (verse 3 walelihubo kanye ). Ngakho …wakhuleka wathini ?Cindezela uchoboze izitha ,ziqede nya Nkulunkulu ? Lutho .Waye smart kakhulu kunalokho
UDavide wayazi ukuthi into esemqoka kakhulu esimweni esinzima ngukuthola intando kaNkulunkulu . Indlela eyabe ingcono kakhulu ukuhlabela phambili kwabe ngukucela uMoya oNgcwele umholele emhlabathini o-lelezekile [leveled] .
Ngifundise ukwenza intando yakho ngokuba wena unguNkulunkulu;umoya wakho omuhle mawungihole emhlabathini olelelezekileyo.!
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.