Ngobani Ngqo Ngqo Abantwana BakaNkulunkulu ?
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaJohane 1:11,12 Weza kokwakhe, abakhe abamamukelanga. Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe
Manje,ngolunye usuku ngangihleli nabantu abayisuxukwana sikwi -bible study nabo ngolunye usuku ,kodwa ngangingabazi kahle ,okwangalesosikhathi.Qede kusenjalo ,enye inkosikazi ngayizwa isimemeza ithi : “Sonke singabantwana bakaNkulunkulu.Wonke umuntu udalwe nguYe .” Ngakube isho khona noma cha lenkosikazi ? Ngobani abantwana bakaNkulunkulu?
Kuliqiniso elingephikwe sanhlobo ukuthi wonke oseke waphila nophilayo udalwe ngomfanekiso kaNkulunkulu .Yikho kanye lokho esikutshelwa kwisahluko sokuqala ebhayibhelini (Genesise 1:27 ngenzela uma kukuhlaba umxhwele ukukulandela lokhu ). Kodwa ngakube lokhu kuchaza ukuthi zonke lezigidi eziphile phambi kwethu neziphila manje ,zonke zingabantwana bakaNkulunkulu ?
Phela yilokho empeleni umhlaba obungathanda sicabange ngayo.Ekugcineni kwakho konke uNkulunkulu ,unguNkunkulu oluthando ,uJesu wathanda futhi wemukela bonke abantu . Nebala sonke singabantwana bakaNkulunkulu ! Akusho lutho ukuthi uya ndlelani kuye -futhi ziningi izindlela ezahlukene ,nezinkolo eziningi ezahlukene ,nokuqonda okuningi okwahlukene – uyokwamukela ngendlela leyo nje oza ngayo ,kungakhathalekile ukholwa ndlelani .
Yiyona ndlela leyo izwe elimbuka ngayo loNkulunkulu .Kodwa manje Yena ukuqophe ndlelani lokhu ?
NgokukaJohane 1:11,12Weza kokwakhe, abakhe abamamukelanga.
Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe
Kungukwehlukanisa okubukhali lokhu ,akuyikho ,phakathi kwalabo abamchiliza uJesu nalabo abakholwa nguYe ? Ngiyambuka ngamehlo engqondo loJesu owayenomgogodla oqinile kulesosikhathi ekhuba abaholi bezenkolo ngenhla yokungalandeli umoya wabo wesikhathi ,kwakungelula- ke ukukholwa nguJesu onjalo .
Kuze kube yimanje ,njengokuba mina elami iso libuka kanjalo ,lokhu akukaguquki .Usibizela ukuba sihambe ngokwehlukile ,singabimhlambi munye nezinkomo zakulomhlaba . Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe
Ngakho umbuzo kithi ngamunye ,ngothi ngakube nginguye yini umntwana kaNkulunkulu na ?
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..