... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Okungasizi Ngalutho Sanhlobo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 9:25,26 Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuzile izwe lonke, yena uqobo alahleke nokuba alimale, na? 26 Ngokuba yilowo nalowo onezinhloni ngami nangamazwi ami ngaye lo iNdodana yomuntu iyakuba nezinhloni, lapho iza ngenkazimulo yayo nekaYise neyezingelosi ezingcwele.

Listen to the radio broadcast of

Okungasizi Ngalutho Sanhlobo


Download audio file

Ihuho lokuthi imali ingathenga yonke into libukeka likhula usuku nosuku .Umnotho wethu uya ngokuya  wakheka ngokusihlukanisa nemali yethu esiyisebenze kanzima .

Ama-Smartphones, zimoto ezinama heater nama aircon amnandi nawowonke ama features enza uzizwe  unsofonsofo ,zicathulo ezakhiwe ngestayela esimnandi ,zingubo ,ngamahhotela kanokusho ….uhla lude ungaziqhubekela ubala , konke lokhu umhlaba uthi unganakho ungakuthenga .

Uzakwethu uthi unina wayephila impilo esobala engeyona eyesigwili .Wayenganazo izinto eziningi ,kodwa ngesikhathi eseshona ,kwaba nomuzwa kuzakwethu ukuthi ukuthi aqoqe izinto zakhe  zibe ngumxhako .

Uthi nebala zimbalwa abazigcina kodwa eziningi bazixhaka qede bayozilahla .Lokho kukwenza ucabange ngokujulile ngezinto onazo ukuthi unamathele kangakanani kuzo ,ukuthi kungakanani ukulokhu uqhubeka ufuna okuningi ,lokho okugcina kuyisiphazamiso kumongo wempilo osemqoka .

NgokukaLukha  9:25,26 Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuzile izwe lonke, yena uqobo alahleke nokuba alimale, na?
26 Ngokuba yilowo nalowo onezinhloni ngami nangamazwi ami ngaye lo iNdodana yomuntu iyakuba nezinhloni, lapho iza ngenkazimulo yayo nekaYise neyezingelosi ezingcwele.

Sonke siyazidinga izinto kodwa singagcina sibanjwe yizo kakhulu  silokhu simatasa siziqoqa ,ngokuphazima kweso agcine uJesu esehleli le e-back seat ezimpilweni zethu .

Ngesikhathi siqhubeka siesiqondiswa ukuthi yini esinayo yini esiyifunayo ,sigcina sesimphilela kancane ngezimpilo zethu .Sigcina ngisho sesinamahloni ukuba ngabahlukile kubantu ngenxa kaJesu .

Ungakuvumeli lokho kwenzeke kuwe .Lezozinto aziyikusiza ngalutho sanhlobo  ngamhla sewumi phambi kwenkazimulo yakhe .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy