U-Poison O-Sweet
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Jeremiya 6:20 Ifikelani kimi inhlaka evela eSheba ,nomhlanga othaphukayo ovela ezweni elikude na?
Kulezinsuku kunezinkulumo ezishisayo zokuphikisana ngoshukela .Manje ,njengokuba ama-nutritionist ezokutshela ukuthi ungawudli ushukela omningi ,kodwa ngqo ngqo lokhu abangasitsheli khona ngukuthi ushukela ungupoison .
Manje kuzwakala kunehaba ,ukubiza ushukela ngo- poison? Kodwa manje into okuyiyo ngempela ekhomba ukugalopha kwawo ngukuthi mngakanani esiwusebenzisayo.
Nakhu ukuxukuza ugebhezi okuncane ngebhayibheli.Kukangaki ushukela kukhulunywa ngawo ebhayibhelini? Impendulo ? Hle hle akukaze.Umhlanga othaphukayo osashukela kumbe asithi umoba ubhalwe kabili kulo,nakhona kuphalwe ngokokuthi uyisitshalo sobumnandi esingatholakali kalula .
Jeremiya 6:20 Ifikelani kimi inhlaka evela eSheba ,nomhlanga othaphukayo ovela ezweni elikude na?
Ucwaningo luthi kwelaseBrithani ngabo 1880 imvamisa babedla inani likashukela emzimbeni elingu 7 kg ngonyaka.kulezinsuku sesidla oko 70 kg nangaphezulu woqukatho lukashukela …futhi lokho kuyasibulala.
Omunye ummeli olwela ukungakhuluphali kwabantu u-David Gillespie wenza ucwaningo ukuthi kungani eyisitetelegu futhi engehli
kulomzimba .Waqoqa lonke ulwazi olwabe selucwaningiwe ngabaningi emhlabenni qede wathi uma eluhluza njengommeli okwaziyo ukuhlukanisa udaba kahle ,wathola ukuthi into esibulala ngaphezu kwayo yonke wukudla ushukela –ngaphezu kwakho konke .
Ushukela ! Usuyabona kungani usiqhatha ,yingoba phela siyazifela ekuwuthandeni.
Ngake ngafunda lencwadi ethi- “Sweet Poison” –okuyilapho ngiyiqeda ukuyifunda nganquma ukuthi wayeneqiniso .Ngakho ngaqala ngehlisa izinga likashukela ekuwudleni .Umphumela wawumangazana .Ngehla ngo 25 Kg futhi udokotela wami usaqhubeka wenza ama-test egazini lami .
Angikukhumbuze leyoncwadi ka- David Gillespie ithi : “Sweet Poison”.
Ngakube ushukela uyivela kancane empilweni yakho ,njengokokuba kwabe kudalwe kanjalo ,kumbe usuphenduke u –sweet poison ? Kukuwe ungazinqumela . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..