Ubani I- Role Model Yakho?
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseFiliphu 3:17 Ngilingiseni, bazalwane, nibabhekisise abahamba njengathi esiyisibonelo kini.
Angikholwa ukhona kithina ongayifuni impilo engcono. Angiqondile nje izinto zomhlaba njengokuphila ntofontofo nengcebo. Yebo zinhle ngokwazo . Kodwa imvamisa ‘impilo engcono’- better life- ibandakanya uguquko ngaphakathi; uguquko kithina ngaphakathi.
Uma usabuka emumva kuleliviki eliphelile ,ngokungangabazi ubile nazo izikhisi namadwala ambalwa obekubiza ugibele kuwo.Izinto ezingazange zihambe ngendlela obucabange ngayo ngqo ngqo.Izinto ezenze ukuhhudleka ,zadala ukulimala-mangase kuthiwe lesosikhathi ubusiphiwa isibili – bezingeke lezizinto zenzeke ngalendlela ubuzoziqondisa.
Futhi esigabeni sokuthembeka okungemnandi ,sonke ngamunye sinalo iqhaza negalelo esibe nalo ukuba lezozinto zibe njalo. Yingakho “lempilo engcono ” ibandakanya thina luqobo sifunda ,siguquka,sinqoba izikhisi nokwehluleka kwethu .
Manje kunesizathu ukuthi kungani umsebenzi we-carpentry ungafundiswa e-klasini. Kunalokho lababantu abanalelikhono bathathwa bayiswe la kusethsenzelwa khona uqobo ukuze bawufunde ngokuwenza lomsebenzi kwizingwazi eziphambili.
Babukela kwizingqwayngqwayi ezindala ezingo-carpenter qede lulokhu ludlulela kubo ugcobo baze babe zingcweti nabo kulomkhakha. Ekubukeni izinto ,kufana ncimishi nasempilweni kuzo zonke izinhla.Nansi indlela umphostoli abeka ngayo kubahlobo bakhe abaseFiliphi:
KwabaseFiliphu 3:17 Ngilingiseni, bazalwane, nibabhekisise abahamba njengathi esiyisibonelo kini.
Kuleminyaka eminingi ngihamba noJesu ,okuningi engikufundile kuyizinto engizifunde ngokuzenza ngihamba naYe “on the job training” masingasho kanjalo – ngibuka ngiqaphela labo abahlakaniphile nasebekhulile eNkosini kunami , ngihamba eduze kukaJesu; ngibabuke ukuthi benze njani uma bebhekene nengcindezi; ngithole ukutheleleka okuhle yintobeko yabo nobuNkulunkulu ababuphilayo.
Ungababiza ngama- mentor, role models, banendima esemqoka ezimpilweni zethu.
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.