UJehova Uyakuba Yithemba Lakho
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Izaga 3:25,26 Ungathuswa luvalo oluzumayo ,nokuchithwa kwababi lapho kufika ,ngokuba uJehova uyakuba yithemba lakho ,agcine unyawo lwakho ukuba lungabhajwa .
Nanoma ngabe yini empilweni kuyaye kube namazinga ahlukene nokuzinikela ngokwendlela esibhekana nayo .Ahlukene amazinga omfutho ,ekwenzeni izinto ezehlukene .
Ake uthathe nje umsebenzi wakho – noma ngabe uluhlobo luni ,okhokhelayo noma ongakhokheli .Kwezinye izinsuku ungaba nomuzwa sengathi ungavese ungene kuwo ngamandla , wenza izinto zenzeke ,kube kuningi ophumelela kukhona …qede uzizuzele ukuneliseka okukhulu ngomphumela wokuzinikela kwakho kuwo .Kwezinye izinsuku ,kusenokwenzeka unezinto eziningi engqondweni yakho ,iziphazamiso nezivese zithathe ingqondo yakho ziyijikisele kokunye .
Njengokuba bengishilo ukuthi ezintweni ezihlukene empilweni kunamazinga ahlukene okubhekana nazo . Ngakho sihlobo sami uma sekuziwa ebudlelwaneni bakho noNkulunkulu ,yiliphi izinga lentshisekelo onalo ngaYe ,izinga leqhaza elinamandla ?
Ngiyakholwa kuJesu .
Yebo kuhle lokho ….kodwa manje ukholwa ndlelani ? Ngakube ukholwa ngokomqondo nje kuphela wena owabona umuntu ethi unawe kodwa eqhelile ? Uma isivunguvungu sesifuqa impilo yakho ,lubukeka lunjani ukholo lwakho kulezoziga ? Uma kungukuthi umkholwa ngengqondo nje kuphela angikutshele ukuthi kuzoba nzima kuwe uma sesifika isivunguvungu kuwe.Kumbe ngakube unokholo olwanele ukuthi uyakuba nawe naphakathi kwaso impela isivunguvungu ? Mhlawumbe .
Kodwa kunezinga elinye eliphakeme lokholo ,lelo kanye uNkulunkulu afuna ube nalo .Nanti :
Izaga 3:25,26 Ungathuswa luvalo oluzumayo ,nokuchithwa kwababi lapho kufika ,ngokuba uJehova uyakuba yithemba lakho ,agcine unyawo lwakho ukuba lungabhajwa .
Ngamanye amazwi yiba nesibindi uma sewubhekene nesivunguvungu .Akusikho nje ukuthi uNkulunkulu unawe kuleyondawo kodwa ukhonela ukwenza umehluko omkhulu .
Ngokuba uJehova uyakuba yithemba lakho ,agcine unyawo lwakho ukuba lungabhajwa .
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..