... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Khumbula Izikhathi Ezinhle

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isaya 25:1 Jehova unguNkulunkulu wami ,ngiyakukuphakamisa ,ngidumise igama lakho ,ngokuba wenzile izimangaliso ,namasu asendulo ,nokuthembeka neqiniso .

Listen to the radio broadcast of

Khumbula Izikhathi Ezinhle


Download audio file

Ezikhathini ezimnyama  okuye kubonakale sihamba kuzo empilweni ,kuvese kube lula ukukhohlwa yilolasuku olwalukhanya kamnandi nesibhakabhaka sibuhlaza .  Kuvese kube lula ukuvumela umnyama obambeka ngesandla uveze uzitike ngawe ngenxa nje yokukhohlwa . 

Ngake ngafunda into ngolunye usuku eyangiqinisa:  Usukwaze ukuhamba ngokubekezela  ngokunqoba ngo 100% izinsuku ezazinzima empilweni yakho .Uyibambe ngakho . 

Futhi okuthi uma ukucabanga lokho kuliqiniso elimsulwa .Kodwa  manje uma kungukuthi uhamba esigodini sobumnyama  – kuvese kube yinkulumo enganikani ithemba le .Angikucacise ukuthi hhayi ngoba mina ngingcono ,uma ngibeka ngalendlela ,sonke sinazo izinto empilweni ezivese zisidangalise  – lenkulumo iyi-statement esinganikani ithemba ezikhathini ezinjalo .

Emva kwakho konke ,singathanini kanti ngolwanamhlanje kuphela  okulusuku oluzosivova sibe mancadasana singaphumeli ngale kwentaba  ?  

Mhlawumbe ukulesosigodi njengamanje ,kumbe mhlawumbe uqeda kuphuma nje kuso….kumbe kungenzeka kukhona esisondelayo ongasicabangi.

Noma ngabe izinto zikephi kuwe njengamanje ,nansi inkulumo ezokunika isibindi : 

Isaya 25:1 Jehova unguNkulunkulu wami  ,ngiyakukuphakamisa ,ngidumise igama lakho ,ngokuba wenzile izimangaliso ,namasu asendulo ,nokuthembeka neqiniso

Ake ubuyise umqondo kancane ,kunini lakhona uNkulunkulu waziveza esikhathini esinzima ? Usakhumbula? Wawuzizwa kanjani? Ngakube izinto zagcina zenze njani? Wamangala kanjani ngesikhathi sewubona ukuthi uNkulunkulu ubhekane nazo zonke ? 

Izikhathi ezimbi ziphenduka izikhathi ezinhle ,ngakube azizange ziphenduke ezinhle ,ngoba uBaba wakho oseZulwini  wenza izinto ezimangalisayo !

Uyakuthanda ngaphezu kokuba amagama ubengachaza .Ngakho ezinsukwini zakho ezimnyama ,zikhumbule  lezokhathi lakhona uNkulunkulu wakho wenza izinto ezimangalisayo !

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..