UJehova Uyakukuvikela
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Amahubo 3:3-5 Kepha wena Jehova uyisihlangu kimi, uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami. Ngezwi lami ngiyakhala kuJehova; yena uyangiphendula esentabeni yakhe engcwele. Ngalala phansi, ngazunywa ngubuthongo; ngavuka, ngokuba uJehova ungiphasile.
Mumva le umqondo wokuthi inkosi ibe yinceku ,kwakuyinto engakaze izwakale kwasemadala judeni . Lawomagama ayesebenza uma kukhulunywa ngenceku yenkosi .
Manje ake sithathe igxathi eliya phambili . Umqondo kaNkulunkulu ongaba yinceku ,kwabe kuyinganekwane leyo . Ngisho izithixo ezazikhona zakhonzwa ngabantu abazenzile ,bekwenza lokho beqhutshwa ngumuzwa wokuthi bamelwe ukuzithokozisa ukuze zingabadumeli zingabagquzuli empilweni ,babenomuzwa wokuzesaba .
Manje ke uNkulunkulu ka- Israel wayene contract ayeyisayine nabakhe ,asithi isivumelwane ,esasihamba kanje : uma ninginhlonipha ,ngiyonibusisa .Uma ningakwenzi lokho ngiyoniqalekisa kodwa nakuso kanye lesosivumelwane kwase kuvele usukhona umqondo weNkosi enguNkulunkulu ezoba yinceku ibakhonze ibanakekele . Inkosi u-Davide ubhala athi :
Amahubo 3:3-5Kepha wena Jehova uyisihlangu kimi,uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.
Ngezwi lami ngiyakhala kuJehova;yena uyangiphendula esentabeni yakhe engcwele.
Ngalala phansi, ngazunywa ngubuthongo;ngavuka, ngokuba uJehova ungiphasile.
UNkulunkulu ka-Israel ,uNkulunkulu oyedwa ophilayo ,Yena kanye lo owayezothumela uJesu ukuba azofela izono zethu … kusuka khona ekuqaleni wayeyiNkosi eyiNceku .
Lowo owayezovikela abantu bakhe ,owayezobanika inhlonipheko ,owayezobanika ithemba ,owayezobaphendula uma bekhuleka ,owayezobanika ukuphumula .
Futhi ngilalele ,ngizwe kahle ,akuguquke lutho ;uNkulunkulu akaguqukile .
Ungalala uphumule wazi kahle ukuthi nembala uNkulunkulu ukubiyele ,uzokuvikela ngoba ukusibekele .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.