Ukholo Olusindisayo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseFesu 2:8-9 Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini,kuyisipho sikaNkulunkulu; akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo.
Ukholo luyinto emangalisayo ukuba nalo ,ikakhulukazi uma lukumuntu kumbe lusentweni engenakuhluleka .Kodwa luqina kanjani ukholo lwakho ezikhathini ezimahhadlahhadla empilweni ? Ngakube luqine okwetshe noma luvese luwubulwe ziphepho?
Uma impilo isemadwaleni ashibilikayo kulapho lakhona ukholo lwethu luntenga size sibe nongabazane sizibuze ukuthi ngakube uNkulunkulu usasithanda yini ,sithi hleze izono zathu nezimo zethu sezilimaze zashabalalisa ingunaphakade lethu naYe .
Isitha sakho uSathane sifuna ukukhanda ufa phakathi kwakho nokholo lwakho oluqinile ,umusa kaNkulunkulu ongaguqukiyo ozokugcina uphephile namhlanje nakusasa ,ngunaphakade.Okuthi uma lomklayeko wanda ,kuyajula futhi nokuqhela kwethu kuNkulunkulu –hle hle yiloyendlela okuye kuzwakale ngayo .
Ngiyazi ukuthi kunomuntu namhlanje olalele kumbe ofunda lomyalezo okulesosimo kanye .Futhi uma kungekhona namhlanje nakanjani kusasa sisazozithola sikulesosimo .
Yisikhathi sokukhuluma iqiniso likaNkulunkulu elinamandla elisindisayo ,elisebenza ngokumelana nalokho kuhlaselwa ,lesositha simelwa ukubaleka uma iZwi likaNkulunkulu selikhulunyiwe .
KwabaseFesu 2:8 Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini,kuyisipho sikaNkulunkulu; akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo.
Ukholo lwami ,ukholo lwakho ,akumele nini nanini lube sesandleni sami ukwenza imisebenzi emihle ;ukuhlonipha uNkulunkulu .Ngoba lawomandla awaqinile okwedwala .Ayahluleka ezikhathini ngezikhathi masekuvela izimpi .Ukholo lwethu lumelwe zikhathi zonke ukuba semhlatshelweni osindisayo kaJesu kulesosiphambano – ngoba umnikelo wakhe awupheli amandla .
Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini,kuyisipho sikaNkulunkulu.
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.