UKhrestu Kuwe
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaJohane 15:4,5 Hlalani kimi, nami kini. Njengalokhu igatsha lingethele izithelo ngokwalo, kuphela uma lihlala emvinini, kunjalo nani, kuphela uma nihlala kimi. “Mina ngingumvini, nina ningamagatsha; ohlala kimi, nami kuye, lowo uthela izithelo eziningi; ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho.
Kulula ukukholwa nguJesu ,ngakolunye uhlangothi , kodwa futhi uphile impilo engahleli kuYe. Kube sengathi udonswa macala omabili ,okugcina sekumele kube khona okukodwa okuwinayo .
Wonke umuntu okholwa nguJesu Khrestu useke wakuzwa lokho .Uzizwe sengathi ungumzenzisi ube unguye ngempela . UMvangeli waseBrithani u- Smith Wigglesworth ukubeka kanjena lokhu :
Isizathu umhlaba ungamboni uJesu yingoba amaKhrestu awagcwele uJesu . Aneliswa ngukuya ezinkonzweni njalo ngesonto ,kunye nokufunda ibhayibheli ngalesosikhathi mayethanda .Kuyinto embi kimi ukubona abantu abazibiza ngamaKhrestu … bengenampilo ,bengenamandla ,besesikhundleni lakhona uhluleka nokusho umehluko phakathi kwabo nabangakholwa , noma kungaba senyameni noma emoyeni .
Angazi ukuthi lokho ukuzwa kanjani ,ukuthi kwakhona kuyangena kuwe kuwe noma kudlula ngendlela nje .
Uma kunjalo kuchaza ukuthi sekuyisikhathi manje sokwenza utho ngakho . Namhlanje wusuku lokubuyela ekuxhumaneni noJesu ngoba impendulo ikuye . UJesu ukubeka kanje :
NgokukaJohane 15:4,5 Hlalani kimi, nami kini. Njengalokhu igatsha lingethele izithelo ngokwalo, kuphela uma lihlala emvinini, kunjalo nani, kuphela uma nihlala kimi.
“Mina ngingumvini, nina ningamagatsha; ohlala kimi, nami kuye, lowo uthela izithelo eziningi; ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho.
“Ukuhlala” yigama eliqinile leli . Uma sivuma ukuvumela uJesu ahlale kithi sihlale kuYe ,aguqule imicabango nezenzo zethu nakho konke ,kwenza sifane ncimishi nalomvini othela izithelo eziningi .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..