Ukubhekana Ngqo Nokugxekwa
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Izaga 15:31,32 Indlebe elalela ukusola kokuphila iyakuhlala phakathi kwabahlakaniphileyo.Onqaba ukulaywa udelela umphefumulo wakhe kepha olalela ukusolwa uzuza ingqondo .
Ukukwazi ukuma ubhalanse yinto okumele siyifundise izingane zethu ngesikhathi zikhula ,ngoba impilo kunokwenzeka ibe nzima endleleni .Kodwa umbuzo thina sibhalanse kangakanani ? Sikwazi ndlelani ukubhekana nokugxekwa ?
Ngo 2019 u-Joseph Grenny umbhali oyi social scientist kwi – Harvard Business Review article,wabhala wathi : Ngisho nala khona ukugxekwa kuza kuwe kalula — nange internet, njengokuba kwenzeka — kungashukumbisa insika yezidingo ezi- psychological zoluntu ezingokuzizwa uphephile futhi uzigqaja kumbe uyinani elihle empilweni . Ukubhekana ngqo nokugxekwa ubhalansile kubiza ukuzixephula kulokho okushiwo ,ukuze ukwazi ukudlulisa noma kungayimuphi umuzwa wokuzizwa wehlisiwe ungaphelele futhi ungaphephile .
Yiyona ndaba kanye le ,akunjalo .Ngisho ukugxekwa okulusizo nakho kuyasishukumbisa ekujuleni komphefumulo wethu .Ngisho ukugxekwa okuwakhayo umqondo kugovuza imizwa yenhliziyo yethu sizizwe sifuna ukuzivikela sibuyise amagabadi .Ngakho sigcina sesilahlekelwa yizifundo ezinkulu ,okulusizo nokuyinzuzo okungalethwa ngukugxekwa okunempilo .
Izaga 15:31,32 Indlebe elalela ukusola kokuphila iyakuhlala phakathi kwabahlakaniphileyo.Onqaba ukulaywa udelela umphefumulo wakhe kepha olalela ukusolwa uzuza ingqondo .
Ngamagama aqondile angashayi eceleni lawa angithi ? Ukuba ngabahlakaniphile sidinga ukumukela ukugxekwa ,sibeke eceleni imizwa yenhliziyo egovuzekayo,sikwazi ukuhlaziya kahle singatatazeli ukuthi lokhu kugxekwa kungokweqiniso okwethembekile futhi uma kuyikho qede senze utho ngakho ,silwenze ngokungasabi ngokungahlehli.Ngoba uma singakwenzi lokho ,yithi abazolahlekelwa .Uma singakwenzi yithi abazilimazayo .
Kulalele ukugxekwa ,qede wenze utho ngakho –futhi uyozuza inhlakanipho .uyogcina ubalwa nabahlakaniphile .
Shlobo sami uNkulunkulu ufuna siqine ukhakhayi ,sikhule ,ukuze siphile ngokunqoba .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.