Ukugcina Usubukeka NjengoMJaphani
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseRoma 8:11 Uma–ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo, ehlala kini ,Yena owavusa uKhrestu uJesu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini.
Ngakho ngicela ukukubuza kuchazani ukuba wuMKhrestu ozelwe ngokusha? Kahle hle wazi kanjani ukuthi unguye noma cha? Leyo yimibuzo emihle … ngoba ngeqiniso lempela ,abaningi balaba abazibiza ngokuthi bangaMaKhrestu abazi.
Eminyakeni eminingi odlule ngahlangana nensizwa eyiMelikana igama layo okwakungu Tim.Yayinobuso obuyindilinga ,ithanda ukuba mfushane impela ,yayisukile phansi,yayisiqhakile ekhanda futhi ithe ukubeke ubhebhenene wentshebe okwempongo yembuzi. Wawuthi uma umbuka esiphongweni ubone ukuthi cishe unophawu lokuba yisivakashi eMelika.
Kodwa kwiminyaka ngeminyaka lensizwa ibisiphila eJapan ,okuthi mase usondela kuyo uthole ukuthi ,ngaphakathi inguMJaphane ngempela.Icabanga ,yenze izinto wena ongafunga ngumuntu owazalwa khona ngempela,nakuba ngaphandle ingabukeki kanjalo.
Futhi uyazi ngicabangiswa yini kanjalo? Yingoba enhliziyweni yakhe uyawathanda AmaJaphane futhi uzinikele kuwona,useze wabe njengomunye wawo.
Omunye sewake wangibuza ukuthi kuchaza ukuthini “ ukuba wuMKhrestu ozelwe ngokusha”Hhiya nebala mina ngicabanga lokho kuncimishi njengodaba luka -Tim nobuJaphane bakhe.
Uma wemukela uJesu enhliziyweni yakho,kuyisinqumo nokuzinikela ukumbeka phambili ekuqaleni.
Uma ungibukaa ngaphandle ,kusonekwenzeka nginophawu esiphongweni ngithi thushu nje , lokuba ngowokudabuka KwaZulu .Kodwa ngaphakathi ngingumuntu omusha ngoba ngamhla ngizinikela kwathi lowoMoya kanye kaNkulunkulu wahlala ngaphakathi enhliziyweni yami.
KwabaseRoma 8:11 Uma–ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo, ehlala kini ,Yena owavusa uKhrestu uJesu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini.
Ukuba ngokaJesu kuchaza ukuphila impilo entsha ceke ngokuphelele,eguquliwe kusuka ngaphakathi kuze kunanele nangaphandle.
Yebo linamandla iZwi lika Nkulunkulu liguqula impilo yomuntu ,nebala eyakho uqobo ,ingaphinde ifane nakuqala.Yilokho uNkulunkulu afuna ukukwenza kuwe namhlanje ,aphefumulele impilo entsha kuwe.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..