Ukuhambahamba echibini
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaJohane 6:19,20 Khona sebegwedlile ,kungathi amastadiyu angamashumi angamashumi amabili nanhlanu noma amashumi amathathu ,babona uJesu ehamba phezu kolwandle ,esondela emkhunjini bethuka.Kepha wathi kubo : ‘Yimina ningesabi’
Noma sithanda singathandi kodwa kuvese kube ngukuthi izivunguvungu zibhenguza empilweni yethu ezikhathini lakhona singazilindele sanhlobo,kwesinye isikhathi lakhona sintekenteke kakhulu .Khona kunjalo kodwa uJesu unalomkhuba wokuthi abe khona naYe ngenxa yethu ,khona impela phakathi nesivunguvungu .
Ake ukucabange lokhu ngamehlo engqondo .Usesikebheni esincane edamini .Bese kuvele kuvuke isivunguvungu somhlaba ,bese isikebha sakho siqale sithantazeke le nale kanzima ,ngokokuthi sibonakale sizozika futhi emancane amathuba okuthi usinde la kulesivunguvungu solwandle oseludinwe olungasadli nkobe zamuntu .Lapho usuqhaqhazele sekuphele nasozwaneni uyabona ukuthi kungekudala uzogcagcela kwasebalala.
Kuthi konke lokhe kusenzeka ,memfu ,nangu umuntu usumbona ungazelele.Ayi ukuthi usosebeni ,kodwa uphakathi kulo lelidamu elikhulu !! Babe lomuntu uhamba phezu kwamanzi uqobo .Manje lokhu nakho ngokwakho kukwenza ivese ishaye mawala inhliziyo .
NgokukaJohane 6:19,20 Khona sebegwedlile ,kungathi amastadiyu angamashumi angamashumi amabili nanhlanu noma amashumi amathathu ,babona uJesu ehamba phezu kolwandle ,esondela emkhunjini bethuka.Kepha wathi kubo : ‘Yimina ningesabi’
Kodwa manje lomuntu avese angene esikebheni senu ,bese ngezwi elilodwa nje sithule nya isivunguvungu wena owabona inja ifaka umsila ngaphansi .Kuvese kungakholakali !
Manje singaphikisana ngokokuthi ngakube lokhu kwake kwenzeka ngempela noma cha .Mina ngokwami ngikholwa ngokungananazi ukuthi uJesu wahamba phezu koLwandle futhi wasithulisa duuh isivunguvungu .
Umbuzo manje uthi ,ngakube kusenzeka nanamhlanje? Uma uphumile usechibini usesikebheni sakho esincane kulolulwandle olubizwa ngokuthi yimpilo futhi bese izivunguvungu zivunguze ,ngakube uJesu uyaqhamuka qede athulise umoya aqede uvalo lwakho ? Mhlawumbe ukukhuluma ngqo esimweni .
Sengibe sezehlweni ezihlasimulisa umzimba empilweni yami kodwa lusuku lumbe waqhamuka wahamba emanzini wangena emkhunjini wami .Ayiphindange impilo yafana nakuqala kusukela angena .Kunokuthula .NguJesu lowo sihlobo sami.
Yebo kunamandla aseZwini lakhe ukuthulisa zonke izivunguvungu qede asiphe ukuthula . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..