Ukukholwa Eduze
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseRoma 10:9 … Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa.
Enye yezinto esabisayo engiye ngiyithole ngukuthi bangaki abantu abangena ePhasikeni bengazange kebejule bacabange ngalo,nokuthi indaba abalibuka ngayo ,iyoba nomthelela kwingunaphakade labo.
IPhasika liza nomyalezo osemqoka .UJesu wafela mina nawe esiphambanweni ,wavuka futhi uma sikholwa ngukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu ,ukuthi nebala ukufa nokuvuka kwakhe yinto eyenzeka nokuthi ngakho uNkulunkulu uyasithethelela ,nembala singabathethelelwe qede sibe nesipho sesihle sokuphila okuphakade.
Yindaba elula le .Umbuzo uthi –yini oyikholwayo ?
Kubukeka kimi sengathi kulula ukukholwa yonke into oyizwe eyenzeke eminyakeni engu 2000 eyedlule .Isiphenduke kwangathi yindabamlonyeni –ngoba sewuyizwe izikhathi eziningi kakhulu,okuvese kube sengathi kulula nokuyimumatha.Kodwa ngicela ukukubuza lokhu : Yini ingempela le oyikholwayo ? Uma ngase kuthiwe ukufa nokuvuka kukaJesu kusanda kwenzeka mhlawumpe esontweni eledlule esikhundleni seminyaka engu 2 000 eyedlula,ngakube ubuzoqhubeka uyikholwe ?
Futhi mina la angikhulumi ngohlobo lokukholwa into eyinganekwane kachakijana ejwayelekile eseyaziwa yiwo wonke umuntu ,kodwa ngikhuluma ngokholo oludephile lwajula kakhulu enhliziyweni ngokuthi uJesu wafa wavuka ngenxa yakho .Ukholwa yini sihlobo sami ngitshele?
Kwenza umehluko omkhulu kakhulu ,omkhulu impela …
KwabaseRoma 10:9 … Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa;
Yebo nebala okungolunye uhlangothi lwalokhu ngukuthi uma ungakholwa yilokhu awuyikusindiswa.
Ngakho ngicela ukubuyela kuwe –wena uthini sihlobo sami? Ukholwa yini ? – ngoba impendulo yakho phambi kukaNkulunkulu nasesidlangalaleni iqukethe ukuthi uyolichithaphi ingunaphakade lakho lonke .
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..