... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukungabikho Kobulungiswa Sanhlobo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 27:20-22 Kepha abapristi abakhulu namalunga bancenga izixuku ukuba zicele uBaraba, zimbulale uJesu. Wayesephendula umbusi, wathi kubo: “Nithanda ukuba nginikhululele muphi kulaba ababili na?” Bathi: “UBaraba.” UPilatu wathi kubo: “Pho-ke, ngimenze njani uJesu othiwa uKristu na?” Bonke bathi: “Makabethelwe esiphambanweni.”

Listen to the radio broadcast of

Ukungabikho Kobulungiswa Sanhlobo


Download audio file

LaMaKhrestu akhuluma okuningi ngezindaba ezinhle ngoJesu  Khrestu .Kuhle lokho.Kodwa manje ziyini ingempela izindaba ezinhle ? Kungani kungamele kube nomuntu ozolokhu ezikhathaza ukuqaphelana nenqubo yephasika ?

Kwiminyakanyaka yemidlalo kamabonakude sekube nokukitazeka kwababukeli uma bebuka imidlalo enamaphoyisa lakhona amaphoyisa ephetha ekwaze ukubamba lomuntu omubi obeyisigebengu ,phela ababhali bayazi ukuthi lokho kufeza inqubo yomuzwa wobulungiswa esinawo singabantu ukuthi shoo shoo labanjwa iqili.Okuthi maselibanjiwe ,livalelwe lidliwe yicala qede ligwebe ejele lokho kufezekisa ubulungiswa.

Kodwa phambilini ngake ngabuka umdlalo lakhona iqili laba uphunyuka bemphethe umdlalo uphetha lingabanjiwe .Lokho hhayi ku-wrong –ke ! Bekumele ubulungiswa benzeke ukuze lomdlalo ugoqeke ngendlela umbukeli azothi ibambe ngakho ,izikhuni zibuye nomkhwezeli .

Ngokwethu siyakuzonda ukungabikho kobulungiswa ,manje nansi indaba phela iPhasika lingesenzeko esingenabulungiswa.Umlandu oqoshiwe usilobele ukuthi uPhontiyasi Pilatu ,umbusi wamaRoma eJerusalema  wangalesosikhathi ,wanquma ukuthi sasingekho nebala isizathu sokushushisa uJesu ,singasayiphathi eyokumlahla ngecala .

NgokukaMathewu 27:20-22 Kepha abapristi abakhulu namalunga bancenga izixuku ukuba zicele uBaraba, zimbulale uJesu. Wayesephendula umbusi, wathi kubo: “Nithanda ukuba nginikhululele muphi kulaba ababili na?” Bathi: “UBaraba.”  UPilatu wathi kubo: “Pho-ke, ngimenze njani uJesu othiwa uKristu na?” Bonke bathi: “Makabethelwe esiphambanweni.”

Ngalesigebengu esasinecala ,nevukelambuso  elingumbulali ,izixuku zamemeza zathi : “mkhulule” ,kwathi ngoJesu owayemsulwa ,zamemeza zathi : “Mbethele” .

Kwagcina kume amagama ezixuku.Emva kokuthethwa kwecala kasithupha ngokunobuqili ,esikhathini esifushane esingaphansi kwamahora angu 17 ,elinye lawo lamacala elabe lithethwa yizixuku ezazicasukile,uJesu washawa,wathimiselwa ngamathe qede wabethelwa.

Kwabe kungenabulungiswa sanhlobo ku-unfair .Kodwa ngokumangazayo ku-unfair kunjalo ,uNkulunkulu wakusebenzisa lokhu-ngabikho kobulungiswa ukuze anelise izinga lobulungiswa baKhe ukuze labo abanjengami nawe ,abanecala njengoBharabha ,bakwazi ukuhamba bekhululekile .

IPhasika ngokwenqubo yomthetho li-unfair .UNkulunkulu Yena ulibiza ngokuthi umusa .UJesu ke lowo sihlobo .

Lowomusa kaNkulunkulu yiwo kanye okwazi ukuguqula impilo yami neyakho ingaphinde ifane nakuqala.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..



We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge