... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukukholwa Eduze

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseRoma 10:9 … Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa.

Listen to the radio broadcast of

Ukukholwa Eduze


Download audio file

Enye yezinto esabisayo engiye ngiyithole ngukuthi bangaki abantu abangena ePhasikeni bengazange kebejule bacabange ngalo,nokuthi indaba abalibuka ngayo ,iyoba nomthelela kwingunaphakade labo.

IPhasika liza nomyalezo osemqoka .UJesu wafela mina nawe esiphambanweni ,wavuka futhi uma sikholwa ngukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu ,ukuthi nebala ukufa nokuvuka kwakhe yinto eyenzeka nokuthi ngakho uNkulunkulu uyasithethelela ,nembala singabathethelelwe qede sibe nesipho sesihle sokuphila okuphakade.

Yindaba elula le .Umbuzo uthi –yini oyikholwayo ?

Kubukeka kimi sengathi kulula ukukholwa yonke into oyizwe eyenzeke eminyakeni engu 2000 eyedlule .Isiphenduke kwangathi yindabamlonyeni  –ngoba sewuyizwe izikhathi eziningi kakhulu,okuvese kube sengathi kulula nokuyimumatha.Kodwa ngicela ukukubuza lokhu :  Yini ingempela le oyikholwayo ? Uma ngase kuthiwe ukufa nokuvuka kukaJesu kusanda kwenzeka mhlawumpe esontweni eledlule  esikhundleni seminyaka engu 2 000 eyedlula,ngakube ubuzoqhubeka uyikholwe ?

Futhi mina la angikhulumi ngohlobo lokukholwa into eyinganekwane kachakijana ejwayelekile eseyaziwa yiwo wonke umuntu ,kodwa ngikhuluma ngokholo oludephile lwajula kakhulu enhliziyweni ngokuthi uJesu wafa wavuka ngenxa yakho .Ukholwa yini sihlobo sami ngitshele?

Kwenza umehluko omkhulu kakhulu ,omkhulu impela …

KwabaseRoma 10:9Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa;

Yebo nebala okungolunye uhlangothi lwalokhu ngukuthi uma ungakholwa yilokhu awuyikusindiswa.

Ngakho ngicela ukubuyela kuwe –wena uthini sihlobo sami? Ukholwa yini ?  – ngoba impendulo yakho phambi kukaNkulunkulu nasesidlangalaleni iqukethe ukuthi uyolichithaphi ingunaphakade lakho lonke .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..



We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge