Ukungcola Okuxakile
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Jeremiya 17:9 Inhliziyo iyakhohlisa phezu kwakho konke okuhle,futhi imbi,ngubani ongayazi na?
Into ekhona ngokugula ,ngukuthi kwesinye isikhathi singazizwa singaphilile kahle.Kusuke sekunompela kithi ,kancane ,kuze kube yila sesibona khona kukhona okungalungile ,kodwa singakwazi ukuyikhomba ngqo ngomunwe wethu ukuthi ila.
Ngake ngabuka omakhi phambilini bemba imisele /amatrench .Ayengemade kakhulu ..engavulekile kakhulu futhi.Kodwa umuntu osewake wawumba umgodi ,uzokwazi ukuthi lokho kubukeka kwawo kusengakhohlisana .
Futhi kwakuphuma imfithimfithi yokungcola kulamatrench amancane ababewamba labomakhi.Udaka olwaluphuma kuwo lwalubukeka ungaluphinda kathathu ngokweskali sokubuka umgodi oluphuma kuwo.
Kodwa kuba kanjalo uma kugqisheke ndawonye kwambambatheka kwathula tu.Soze wabona ukuthi kungakanani kuze kube ngukuthi sewumbile khona.
Ngicabanga kuba kanjalo nangezindlela zokuziphatha esizifihla ezinhlizyweni zethu ;ukuba nomoya ongemuhle,ukuzazi wena,impakamo .Sizikhohlise sithi : “ayisuka akuyona ,into enkulu le,ngempela”
Iba ncane kuze kube ngukuthi sivumela uJesu azomba kithi ngaphakathi bese kuyabonakala ukuthi kanti ibisisincishe impilo kangakanani.
Jeremiya 17:9 Inhliziyo iyakhohlisa phezu kwakho konke okuhle,futhi imbi,ngubani ongayazi na?
Kuyamangaza ukuthi bungakanani ububi obungalondolozeka kwingaphakathi lethu,uthole ukuthi nathi futhi asiboni sebunqwabelene.Kodwa nansi into eyisimanga.Ngesikhathi mina nawe sisavaleke amehlo ngezono zethu ,ngesikhathi mina nawe sivamisa ukuthwala kanzima ngokugula kwenhliziyo nengqondo le kanye uNkulunkuluI akhuluma ngayo la ngomphrofethi uJeremiya ,ungalenzi iphutha .
UNkulunkulu usemsebenzini wokumba akhuculule .Futhi uma simkhulula azenzele lomsebenzi wakhe ,buka okuzokwenzeka! Uzoletha ukuphuluka emphefumulweni wethu. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..