Ukuphendula Ungagcwele Ukuphikisana
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KuThithu 3:1,2 Bakhumbuze ukuba bathobele ababusi neziphathimandla, balalele, balungele imisebenzi yonke emihle, bangahlambalazi muntu, bangabi yizilwi, babe ngabavileyo, bebonakalisa ubumnene obukhulu kubantu bonke.
Ukuhlekisa ngabaholi bethu bezepolitiki sekuphenduke kwalihlaya elijwayelekile esephila ngalo.Angisayiphathi eyokukhonona nokukhalaza ,ukubahlasela ngamazwi ,ukubabukela phansi nokubehlisa isithunzi .Cishe abaningi bazokuphika lokhu bekusho mhlawumbe ngezizathu zabo ezinhle .
Manje ngakube ku-fair yini ukugxeka abaholi bethu ngalolohlobo? Kwiningi lethu eliphila kwintando yeningi kulula ukukwenza lokho ngokuvulelekile.Kwabanye abaphila kwisimo sombusazwe esiqinile ,imiphumela ingabanzima ,kodwa futhi ukukhalaza ngenhliziyo yakho ungasho lutho ngomlomo kusanomthelela ofanayo . Kuyadlavuzana njengomdlavuza .
Kwikhulunyaka lokuqala amaKhrestu ayedonsa kanzima .Kukuloloqobo lwesikhathi lakhona leliZwi likaNkulunkulu lakhuluma kuso kanye .
KuThithu 3:1,2 Bakhumbuze ukuba bathobele ababusi neziphathimandla, balalele, balungele imisebenzi yonke emihle, bangahlambalazi muntu, bangabi yizilwi, babe ngabavileyo, bebonakalisa ubumnene obukhulu kubantu bonke.
Akukho noyedwa uhulumeni emhlabeni oyoke ashaye abeke imithetho emihle enobuNkulunkulu yonke ;eyohlala njalo ibaphatha kahle ngenhlonipho abantu nange fair Ngokokubuka ngesibuko seZwi likaNkulunkulu akukho noyedwa uhulumeni kumbe umbuso selokhu kwasekelwa umhlaba okwaze ukungabi nasici ube ngo perfect.Ngakho sesizwile loluqobo lweqiniso ake simukele leliZwi silivumele lizike kithi :
Bakhumbuze ukuba bathobele ababusi neziphathimandla, balalele, balungele imisebenzi yonke emihle, bangahlambalazi muntu, bangabi yizilwi, babe ngabavileyo, bebonakalisa ubumnene obukhulu kubantu bonke.
Uthando lukaNkulunkulu lunjalo uma lukuwe lukwazi ukuguqula zonke izimo luthelwe luthululwe kuzo zonke izimo ngawe ,qede asebenze ngommangaliso emfihlakalweni ,Ungalokothi ungabaze amandla alo
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.