Ukuphindisela Noma Ukwakha Kabusha ?
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMathewu 18:15 “Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa naye. Uma ekuzwa, woba umzuzile umfowenu.
Ngakho awungitshele wagcina nini ukusukelwa kwahlekiswa ngawe wathukwa ? Kuyinto eyenzekayo ngezizathu eziningi .Kwesinye isikhathi uthole ukuthi besikwi -mood engemnandi emva kwalokho ebese into encane ivese isichukuluze isikhiphe emoyeni .
Noma kungaba yisiphi isizathu kodwa kuyinto eyenzekayo ezikhathini eziningi angithi ? Kusengenzela emndenini kumbe ngomngani ,kumbe kube ngukubekwa eceleni ngumuntu obesenhliziyweni yethu …nanoma yikuphi obekuphakathi kwethu nalomuntu .
Noma ngabe yini isisusa kodwa kuvese kuveze umuzwa we entitlement kithi – Ngifanelwe okungcono kunalokho angenza khona ! Angingabazi ngumuzwa owejwayele lowo ,sonke esibhekanayo nawo . Inkinga ngukuthi lomuzwa …imvama awutheli izithelo ezinhle .Ngena …Jesu .
NgokukaMathewu 18:15 “Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa naye. Uma ekuzwa, woba umzuzile umfowenu.
Lokhu kuletha umbuzo omkhulu .owakhulunywa yilowo oweza kulomhlaba ukuzokusindisa mina nawe ukuba singabi kwiphakade elehlukanisiwe noNkulunkulu ngenxa yezono zethu .
Uma kukhona osonayo ngakube sihlala sifuna impindiselo kumbe ukulungisa lokho esonene ngakho njengokuba uJesu wenza ? Awungitshele esikhathini owagcina ngaso ukunyokolozwa ngomunwe esweni wenze njani kulomuntu owayekunyokoloza ? Ngakube waba sentshisekelweni yokuthi konje angangigila yini nakanjani uzolutheza ukhuni olunenkume ,kumbe semoyeni kaKhrestu wokufuna ukubuyisana kulungiswe izinto eziniqhathayo ?
Uma kukhona abakonayo ,batshele kahle ngobumnene eceleni . Uma ekuzwa, woba umzuzile umfowenu- uyobe wenze umsebenzi wokubuyisela ubudlelwane .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje. U