... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukubhekana Ngqo Nokugxekwa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 15:31,32 Indlebe elalela ukusola kokuphila iyakuhlala phakathi kwabahlakaniphileyo.Onqaba ukulaywa udelela umphefumulo wakhe kepha olalela ukusolwa uzuza ingqondo .

Listen to the radio broadcast of

Ukubhekana Ngqo Nokugxekwa


Download audio file

Ukukwazi ukuma ubhalanse yinto okumele siyifundise izingane zethu ngesikhathi zikhula ,ngoba impilo kunokwenzeka ibe nzima endleleni .Kodwa umbuzo thina sibhalanse kangakanani ? Sikwazi ndlelani ukubhekana nokugxekwa ?

Ngo  2019 u-Joseph Grenny  umbhali oyi social scientist kwi – Harvard Business Review article,wabhala wathi : Ngisho nala khona ukugxekwa kuza kuwe  kalula  — nange  internet, njengokuba kwenzeka  — kungashukumbisa insika  yezidingo ezi- psychological zoluntu ezingokuzizwa uphephile futhi uzigqaja kumbe uyinani elihle empilweni  . Ukubhekana ngqo nokugxekwa ubhalansile kubiza ukuzixephula kulokho okushiwo ,ukuze ukwazi ukudlulisa noma kungayimuphi umuzwa wokuzizwa wehlisiwe ungaphelele futhi ungaphephile . 

Yiyona ndaba kanye le ,akunjalo .Ngisho ukugxekwa okulusizo nakho kuyasishukumbisa ekujuleni komphefumulo wethu .Ngisho ukugxekwa okuwakhayo umqondo kugovuza imizwa yenhliziyo yethu sizizwe sifuna ukuzivikela sibuyise amagabadi .Ngakho sigcina sesilahlekelwa yizifundo ezinkulu ,okulusizo nokuyinzuzo okungalethwa ngukugxekwa okunempilo  . 

Izaga  15:31,32 Indlebe elalela ukusola kokuphila iyakuhlala phakathi kwabahlakaniphileyo.Onqaba ukulaywa udelela umphefumulo wakhe kepha olalela ukusolwa uzuza ingqondo .

Ngamagama aqondile angashayi eceleni lawa angithi ? Ukuba ngabahlakaniphile sidinga ukumukela ukugxekwa ,sibeke eceleni imizwa yenhliziyo egovuzekayo,sikwazi ukuhlaziya kahle singatatazeli ukuthi lokhu kugxekwa kungokweqiniso okwethembekile futhi uma kuyikho qede senze utho ngakho ,silwenze ngokungasabi ngokungahlehli.Ngoba uma singakwenzi lokho ,yithi abazolahlekelwa .Uma singakwenzi yithi abazilimazayo . 

Kulalele ukugxekwa  ,qede wenze utho ngakho  –futhi uyozuza inhlakanipho .uyogcina ubalwa nabahlakaniphile . 

Shlobo sami uNkulunkulu ufuna siqine ukhakhayi ,sikhule ,ukuze siphile ngokunqoba .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.