The Blah, Blah, Blah Treatment
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMarkhu 1:22 Bamangala ngokufundisa kwakhe; ngokuba wabafundisa njengonamandla, kungenjengababhali.
Ukushumayela,izintshumayelo….ngakube kusengaba yinto yalesikhathi sesimanje – 21 st century ,esikhathini lakhona i-video ekwi –Youtube uma ingu 4 minute isuke isiyinde kabi ukulangazelela ukuyibuka yonke ? Nebala akusenjalo .Lesosikhathi sesidlulile.Asidlulile?
Ngiyakhumbula ngisewumfanyana omncane ngidonselwa enkonzweni ,ngihleli phansi emabhentshini enkonzo amahora [ake ucabange nje ihora elilodwa lonke? !] emva kwalokho nansi intshumayelo okwakusengathi lomuntu uyahamisha ezindlebeni zami ,ngokobungane .
Kimi phela ngokobungane kwakusengathi uthi nje , “Blah, blah, blah,” yilokho phela izindlebe zobungane ezazikuzwa.Ngicabanga ukuthi angingedwa kulowomcabango njengomuntu osemdala,uma ngibuyisa lezonkumbulo ,njengokuba nakwabaningi kuba njalo ,yizo ezazigcwalise indlela yokubuka kwami uNkulunkulu ukuthi unjalo impela.
Ekuqaleni kokusebenza kukaJesu ,wahamba wangena esnagogeni eKhaphanawume wabe eseqala efundisa.Kodwa uJesu,wabona i-respond eyehlukile kulabo ababelalele ,kunalokho mina engiqeda ukukusho ngesikhathi ngisemncane .Kahle hle…
NgokukaMarkhu 1:22 Bamangala ngokufundisa kwakhe; ngokuba wabafundisa njengonamandla, kungenjengababhali.
Ngakho lababantu babemangele kakhulu ngoba wabafundisa ngamandla nangegunya elingachazekiyo ,okwakuyinto eyahluke kakhulu kunelana abafundisi babo ababebanika yona.
Kwakungani lokho? Kwakwenziwa yini ukuthi izifundiso zaKhe nezintshumayelo zaKhe zazehlukile kulezo abase bezijwayele .
Ngoba ,egcwalise ngamandla kaMoya oNgcwele ,uJesu wayekhuluma iZwi likaNkulunkulu liyilo ngqo futhi okuthi uma uNkulunkulu ekhuluma ,kuba nobuqiniso bobukhona baKhe obungasoze baphikiseka bungabonwa nayingane ekhasayo.
Noma ngabe luhlobo luni lokushumayela oba yingxenye yakho ,qinisekisa ngalezizinto ezimbili : ukuthi kugcwaliswe ngamandla kaMoya nokuthi kuletha ubuqiniso beziBhalo zinjengoba zinjalo.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..