Ukidusuka Engcebweni Wehlele Ezidwedweni.
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Umshumayeli 5:10 Othanda imali akayikusutha ngemali,nothanda okuningi akaneliswa yizithelo,nalokho kuyize
Ngakho ngithanda ukuba nesithombe ngengqondo ,mangase kuthiwe kunomuntu ofuna ukukunika insavunsavu yemali.Bese akubuze athi : “Uthanda ngikunike engakanani?” Impendulo yakho ibingathini? Imalini ubungayicela kuye?
Kungamnandi kabi ukuba nezindodla zemali ,ngeke kube mnandi? Ube nezimoto zikanokusho uzibone zesipake kwakho ,umuzi womacaphuna kusale ,ube nezisebenzi ezininganyana eziqondene nomuzi wakho nje uwodwa,ezikuphekelayo,eziwasha lezomoto ,ezama washing ,ezegceke njll.Ubani ongakaze ayiphuphe impilo yobuthebelele enjalo?
Kodwa futhi uvese uthole ukuthi sikhathi sinye abantu befika kulamaphupho kodwa kuvese kufike ukulambela okungaphezulu .Singakhomba abaholi abaningi nosopolitiki abaphonseke kulesikhisi ,abanye babo baze bagcina ngisho ezikhindini ngenxa yokuhlulwa wugovane .
Kunendoda eyodwa engiyicabangayo yayiphumelela kahle kakhulu –futhi idumile kakhulu,kodwa okwathi nje ngokwehlisa ngemilenze ama hundred thousand ambalwa,kodwa othi masubuka ngokokuphumelela kwayo ,empeleni kwakuyimfalakahlana yoshintshi nje le,kodwa yagcina iphethele ejele.Lokho kwangitshela ukuthi kahle hle akuyona imali le eyinkinga . Kodwa kuba wukuthi uma ukuyilangazelela kwethu sekuwukuqaleka okungadambiseki wena ongafunga umuntu wegudu uqobo eseshawa nayikhanda wukinatelo lohuheko lokufuna izilayi,okuphetha kudlavaza izimpilo zethu ,uma ulangazelelo lwemali selunjalo.
Lendaba ayikhulumi nje kuphela ngabantu abale kude ababhekene nezindodla zayo.Ngisho ezingeni lethu iyangena khaxa.
Akukholakali ukubona abantu imali sebeyenza isithixwana .Ngoba nanti iphuzu elinqala:
Umshumayeli 5:10 Othanda imali akayikusutha ngemali,nothanda okuningi akaneliswa yizithelo,nalokho kuyize
Njengokuba u CS Lewis ebhala encwadini yakhe esihloko sithi “The Screwtape Letters”, icebo likaSathane lokudlavaza liqede ngempilo yakho lisobala:
Yifuthefuthe elikhulayo lingemi lokuhalela ukugomoshela injabulo egqwalayo. Ungalokothi uvumele uthando lokulangazelela imali lukudicelele phansi.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..