Ukuthule Obuhle Obuthe Pha
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaJohane 14:27 Ukuthula ngikushiya kinina, ukuthula kwami nginipha khona. Akunjengokupha kwezwe ukunipha kwami. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi.
Kweswinye isikhathi ukuphila impilo yethu singazizwa sengathi kade sisemshinini wokuwasha izingubo ,yithi labaya sesiwashekile sesiyiswa ekomisweni kumbe emshinini wokomisa izitsha ziswambithi sishwibekiswa sizungeza sishaya u-round and round .
Okunye ukugxeka okuphakamiswa yilaba abangabukholwa ubukhona bukaNkulunkulu bekubhekise kubuKhrestu ,ngukuthi bathi yinkolo yezahluleki ;yinto yabantu abantekenteke masingasho kanjalo .Kodwa akubizi ukuthi ube yisahluleki somhlaba ukushintshwa uzwinga enjikeleni yomshini wokuwasha uze ukuphimise masukuwashile ,kumbe ukuba ngontekenteke kubantu nasezimweni ukuba ngokhamekile enyameni,enhliziyweni nasemoyeni . Lokho kwenzeka ngisho kwabayizigora neziqwhaga zakulomhlaba nababukeka behlelekile nabasezintweni …kungumgudu wempilo .
Phakathi nalo lolothuli lwezichwe lwangaphakathi kukodwa esisuke sikudinga ngukuthula phaqa; siyakulambela phakathi neskhwikhwishi sesiphepho esenzeka ngaphakathi kithi.
Inkinga ngukuthi esikhathini lakhona impilo isishubile ,izinto ezakha umqondo ezishiwo ngabantu zivese zingawenzi umqondo .ukwehlisa intukuntuku osuke ubhekene nayo .Ngisho nanoma yikuphi ukuthula okulethwa yilomhlaba ,kugcina kuzintantela phezulu nje kungayi ndawo okwebholwa lifuthiwe emanzini , nawe shlobo sami sewuke waba kulesosimo ,angithi?
Kungalesosizathu kanye uJesu iNdodana kaNkulunkulu owakufela wavuka – unalokho ukukukhuluma kulososishingishane okuso namhlanje emoyeni wakho :
NgokukaJohane 14:27Ukuthula ngikushiya kinina, ukuthula
kwami nginipha khona. Akunjengokupha kwezwe ukunipha kwami. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi.
Futhi uma uJesu ekhuluma ukuthula enhliziyweni yakho ,kuza kugcwele amandla kaNkulunkulu ,yebo lawo ovuko kanye .Ngilalele.UJesu angaletha ukuthula kwisemumva lakho ,alethe inhloso yokuphila kwakho kwimanje lakho kunye nethemba lekusasa lakho .UJesu lowo .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.