... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ama-fingerprint Akho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 139:13-18 Ngokuba wena uzenzile izinso zami ,wangaluka esiswini sikamame.Ngiyakukubonga ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo;imisebenzi yakho iyamangalisa;umphefumulo wami uyakwazi kahle .Amathambo ami ayengafihlekile kuwe lapho ngenziwa ekusithekeni,ngibunjwa ezindaweni ezijulileyo zomhlaba. Amehlo akho angibona ngiseyihlule ,zonke izinsuku zami zalotshwa encwadini yakho ,zanqunywa kungakafiki nolulodwa kuzo . Imicabango yakho Nkulunkulu ingamagugu kimi;bukhulu kangaka ubuningi bayo.Uma bengiyakuyibala ,miningi kunesihlabathi;lapho ngivuka bengiyakuba nawe .

Listen to the radio broadcast of

Ama-fingerprint Akho


Download audio file

Kuyinto edabukisayo ukuthi uma siziqhathanisa nabanye abantu siye sizibone sengathi kukhona okushodile kithi ,sizibone sibancane . Angihlakaniphile njengosbanibani,angigijimi ukumdlula ,angiyena ophumelelayo njengosbanibani.Yinto edabukisayo leyo impela .

Akusikhona kuphela ukuthi lokhukuziqhathanisa kugqilaza imizwa yenhliziyo yethu kodwa kuphinde kusiphuce ugqozi ,nomfutho wezinto esingazenza ,kudla amandla okusebenzisa izipho uNkulunkulu asipha zona  ukusiza abanye ,futhi nathi kusibeke la khona sibe nomuzwa wokuzizwa sigcwalisekile ngokohlelo uNkulunkulu ayevese esihlelele lona .Lokhu yinto oyibona zikhathi zonke . 

Ngakho uma kungukuthi unokuzithola usukulesosikhisi ,namhlanje uNkulunkulu unotho akulethela lona ,ukulethela khona ngoMhubi owakhuleka  kanje  :

Amahubo  139:13-18 Ngokuba wena uzenzile izinso zami ,wangaluka esiswini sikamame.Ngiyakukubonga ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo  nangokumangalisayo;imisebenzi yakho iyamangalisa;umphefumulo wami uyakwazi kahle .

Amathambo ami ayengafihlekile kuwe lapho ngenziwa ekusithekeni,ngibunjwa ezindaweni ezijulileyo zomhlaba.

Amehlo akho angibona ngiseyihlule ,zonke izinsuku zami  zalotshwa encwadini yakho ,zanqunywa kungakafiki nolulodwa kuzo .

Imicabango yakho Nkulunkulu ingamagugu kimi;bukhulu kangaka ubuningi bayo.Uma bengiyakuyibala ,miningi kunesihlabathi;lapho ngivuka bengiyakuba nawe .

Shlobo sami ungokhethekile nowakhiwe ngobuyoninco bukaNkulunkulu ngokwezinsuku akubekele zona la emhlabeni.Lalela .Wakunika ifingerprint okungekho noyedwa onayo enjengeyakho ,ukuze uphile umbala wayo enguwe kuphela oyosala sasigxivizo sayo kulomhlabo ,ohlukile onguwe phaqa .Kusuka namhlanje yima ,yeka ukuziqhathanisa . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.