Ukuvala Igebe
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Izaga 17:24 Ukuhlakanipha kuphambi koqondileyo,kepha amehlo esiwula asemkhawulweni womhlaba .
Lusuku lumbe ,yebo lusuku lumbe uNkulunkulu uzokwenza umsebenzi onamandla ngami . Lusuku lumbe uzongithumela lapha nalaphaya ngiyokwenza lokhu nalokhuya ..Kuyamangalisa lokho. Ngiyehluluka ukuzibamba .Lolo suku …
Ngakube sekuke kwakhelela enhliziyweni yakho ukuba nomthelela onamandla kulomhlaba ngoKhrestu na ? Ukusetshenziswa nguNkulunkulu ngokunamandla ,akusebenzise ngendlela yokuthi bonke abantu bamangale .
Nembala ngiyazikhumbula ngiphupha lawomaphupho ,futhi okuyinto enhle ,kwaze kwayisikhathi esithile . Simelwe ukuphupha amaphupho amakhulu ,Ekugcineni kwakho konke sikhonza uNkulunkulu omkhulu , amen?
Kodwa kunegebe elikhulu kakhulu ,eliphakathi kokuphupha amaphupho amakhulu ,nokwenzeka kwawo ngokoqobo.Yisikhala lesi esikhulu okuvamisa ukuthi abalandeli abaningi bakaKhrestu abafiki ekusivaleni .Balokhu beqhubeka bephupha amaphupho amakhulu ,
okuthi ngokuhamba kwesikhathi agcine lamaphupho ,ekhathala ,agqwale agcine enyamalele. Nasi isizathu:
Izaga 17:24 Ukuhlakanipha kuphambi koqondileyo,kepha amehlo esiwula asemkhawulweni womhlaba .
Uma ufuna amaphupho akho abe ngaphathekayo ,udinga ukukwazi ukucabanga ukuthi yini edingeka kwimanje ,ezoba yinqola yikungifikisa emaphusheni ami ekusasa. Yikuphi lokhu okuncane engidinga ukukwenza ? Yibaphi abanye abantu abaneziphiwo ezahlukene zikaNkulunkulu engidinga ukubazungeza ngibe seduze nabo?Sizoyithola kanjani lento ethile edingakalayo ewukhiye ? Ngamanye amazwi siqala kuphi, kanjani?
Ndlela yonke simelwe ngukukwenza konke lokho sisemthandazweni ongobuNkulunkulu nangenhlakanipho yakhe . Ngakho akukuhle ukubona ngamehlo engqondo ukuthi uNkulunkulu uzokuhambisa umhlaba wonke ngevangeli umsebenzela ,uma kungukuthi awukwezi okuyinhlakanipho yakhe odinga ukukwenza kwimanje .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.