Ukuvinjelwa Komoya
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaJohane 4:14 kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kepha amanzi engiyakumnika wona, phakathi kwakhe ayakuba ngumthombo wamanzi aphuphumayo, kube ngukuphila okuphakade.
Ezikhathini ezithile siyafikelwa yisiphetho somcabango esithi asikho bahle ngokwanele ukufaneleka kuNkulunkulu–noma singakuvuma noma cha lokho.Ngakwenza lokho mina ,iminyaka ngizama ukumcashela,ngesikhathi ngi-sula izenzo zami.Cabanga lobobuwula okwakuyikho!
Ngike ngalalela omunye umdlali engimkhonzile kwa-drama kulezinsuku ekwi- interview futhi wabe esekhuluma ngokuthi wake wabhekana nobuhlungu besisu obungachazeki.Bamphuthumisa kudokotela owathola kunento evimbile ethunjini lakhe ,futhi uma wayengezukuhlinzwa ngokushesha wayezofa.
Izinto eziba yizivimbela emzimbini wakho zingathatha impilo yakho.Kumapayipi omoya ,awegazi nasemphinjeni.Uma zingalungiswa ngokusheshwa zingakuyisa kwagoqanyawo.Kanjalo futhi nezivimbela /blockages zokomoya nazo zifana ncimishi kwezingakwenza kuwe.
Yazi ngiyazi ukuthi igama elithi ‘isono’alisilo igama elivelele.Kodwa yigama elishiwo nguNkulunkulu lelo.Leligama elifushane elinezinhlamvu ezinhlanu elichaza isivimbela esenzeka uma simdela uNkulunkulu .Isivimbela esiletha ukufa ingunuphakade.
Kodwa ebese uNkulunkulu aqhamuke nelinye igama.Nalo elinezinhlamvu ezinhlanu .LiyiGama lokuphila .IGama eligudluza isivimbela .LeloGama ? UJesu.Nansi indlela yena siqu abeka ngayo:
NgokukaJohane 4:14 kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade;
kepha amanzi engiyakumnika wona, phakathi kwakhe ayakuba ngumthombo wamanzi aphuphumayo, kube ngukuphila okuphakade.
Sonke ngamunye sinesono ,sinento esihlukanisa noNkulunkulu.Manje senze njani,sizama uku-sula isenzo sethu.Kuhle lokho ,kodwa ekuhambeni kwesikhathi akusebenzi lokho.
Okusebenzayo wukusondela kuJesu ,ukuphuza emanzini okuphila uJesu asinika wona –Umoya waKhe ,iZwi laKhe –ukukhukhula isivimbela njengokuba kunguYe kuphela ongakwenza lokho.
Ukusebenza ngakho ,akusiyona impendulo .Ukusondela kuJesu yikho okuyimpendulo.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..