Ukwesaba Ukufa
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
2 KwabaseKhorinte 5:6-8 Ngakho simi isibindi ngesikhathi sonke, sazi ukuthi, nxa ikhaya lethu lise semzimbeni, sahlukene nekhaya eliseNkosini; ngokuba sihamba ngokukholwa, asihambi ngokubona; simi isibindi, singathanda kakhulu ukwahlukana nekhaya elisemzimbeni, sihlale ekhaya eliseNkosini.
Iningi lethu alinkamunkamu ukuzwa igama elithi ukufa .Ngakolunye uhlangothi sazi kahle ukuthi nakanjani ukuthi sizofa . Kodwa khona kunjalo asifuni sanhlobo lufike lolosuku .
Sonke siyabhekana nalomzabalazo ngokwezinga elithile futhi okuthi ngesikhathi siqala siqhaka izimvu emakhanda nesikhumba sethu sesiba nemibimbi ,yilapho okuya kucace engqondweni ukuthi ekugcineni amathunzi ayewukela ,kuseduze phambili kukude emumva . U-Berni uthi ngamhla ebhala le devotion yanamhlanje,wayesathi uhlela ukuthatha uhambo olude ,ngokuphazima kweso wathola umbiko ngokuthi uNina oneminyaka engu – 92 uvese waqhibuka wawa phansi waphuthunyiswa esibhedlela.
Angingabazi ukuthi ngesikhathi elele esibhedlela esatatazelelwa ukuba alapheke ,engqondweni yabe iminingi imicabango kuye engokufa ngaphezu kokucabanga ngakho mina nawe esiziphilelayo .
Ngakho uma kwenzeka nje ukuthi lento yokwesaba ukufa ihlasela umqondo wakho kungekudala , nanti iZwi likaNkulunkulu elikhuluma kuwe ngalokho kanye :
2 KwabaseKhorinte 5:6-8Ngakho simi isibindi ngesikhathi sonke, sazi ukuthi, nxa ikhaya lethu lise semzimbeni, sahlukene nekhaya eliseNkosini; ngokuba sihamba ngokukholwa, asihambi ngokubona; simi isibindi, singathanda kakhulu ukwahlukana nekhaya elisemzimbeni, sihlale ekhaya eliseNkosini.
Yeka inkuthazo engaka ! Uma ukholwa kuJesu ,uyokwazi ukubhekana nalowomzuzu wokugcina emhlabeni uyobhekana nawo ugcwele ni? Isibindi. Njengokuba u- Charles Spurgeon wake wathi , “Bathandwa ningakwesabi ukufa . Ukufa yinto ele ekugcineni futhi encane ukuba ikholwa lingakhathazeke ngayo”
Uma ukholwa nguJesu ngeqiniso ,ayikho into engakwenza wesabe ,asikho nesincane isidingo lesi.
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.