Uma Ngicabanga
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Amahubo 119:59,60 Ngizindla ngezindlela zami,ngiqondisa izinyawu zami ebufakazini bakho.Ngiyashesha angilibali ukugcina imiyalo yakho.
Umbuzo kuwe namhlanje ,kungakanani ucabanga ngokuthi uyiphila kanjani impilo yakho ? Kukangaki ucabanga ukuthi uphendula uthini ezimweni ezehlukene ,imigqumo ehlukahlukene eminye eletha imizwa emihle eminye emibi empilweni yakho ?
Yimibuzo emikhulu le ngoba uma uvuka usuku ngalunye uphendula kulemibuzo –emihle nemibi – uphendula ndlelanye uma kunjalo akukho lutho oluzoguquka .
Uma sinesithombe sengqondo ukuthi ukuze izinto zihambe kangcono ,labobantu abasemnyango kuzomele baguquke ,izimo zethu kuzomele ziguquke –ngakho sizolinda isikhathi eside makunjalo,ngoba kungenzeka bengalokothi bashinsthe .Ngakho ithini impendulo ?
Amahubo 119:59,60 Ngizindla ngezindlela zami,ngiqondisa izinyawu zami ebufakazini bakho.Ngiyashesha angilibali ukugcina imiyalo yakho.
Ngakho ukubuyela embuzweni wami wasekuqaleni .Uvamisa ukucabanga kangaki ngezindlela zakho ?
Ngoba angikutshele ukuthi zikhathi zonke uma ngivula iNcwadi enhle ,zikhathi zonke uma ngivula iZwi likaNkulunkulu ,ungenza ngicabange ngezindlela zami.Ukhazimula ukukhanya kwaKhe ,inkazimulo yaKhe , amandla aKhe ,uthando lwaKhe ,intokozo yaKhe ,ukuthula kwaKhe ezindaweni ezisithekeleyo ezimnyama emphefumulweni wami .
Futhi amandla egalelo lalokho ,ngukudala ulangazelelo olujulile kwingaphakathi ukumnika inhlonipho neqholo elimfanele ,ukumlalela ,ukuphendulela izinyawo zami ebufakazini baKhe uma ngingasho njalo .
Isenzo sansuku zonke sokufunda iBhayibheli ,ukuzwa uNkulunkulu ekhuluma kimi ,futhi ebese kuba ngukuba ngukucabanga ngezindlela zami ngokokukhanyiswe yiZwi laKhe ,kunginyusa izinyawo ukuba ngingenzi kancane ukugcina imiyalo yaKhe .
Kumele kusebenze kanjalo .Yiyona ndlela uNkulunkulu asiguqula ngayo leyo .Yiyona ndlela aguqula ngayo izimpilo zethu .Yiyona ndlela leyo izinto eziba ngcono ngayo –noma ngabe lezozimo labobantu abanye bayaguquka noma qha .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.