Umndeni o-Perfect
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseRoma 5:3-8 Kepha akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga nangezinhlupheko ngokwazi ukuthi ukuhlupheka kuveza ukukhuthazela, ukukhuthazela kuveza ukuqiniseka, ukuqiniseka kuveza ithemba; ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo. Ngokuba sisebuthakathaka, uKristu wafela abangamesabi uNkulunkulu ngesikhathi esifaneleyo; ngokuba cishe kungenzeki ukuba umuntu afele olungileyo, kodwa mhlawumbe kungase kube khona ongaba nesibindi sokufela omuhle; kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela.
Angingabazi ukuthi zikhathi zonke usuke wacabanga ukuthi : “mangase kuthiwe nje umndeni wami wabe ungojwayelekile osesimweni esihle njengayo yonke eminye !” Nakanjani sewuke wakucabanga lokho ngoba siyayikholelwa lenganekwane yomndeni operfect .Angithi! Singagcina simile izimpondo emini size sikholwe ngukuthi inkomo ingamzala umuntu .
Ngithanda ukukucobelela isahluko ezibhalweni namhlanje okuthi uma uzibuka ungathi azihlangene nomndeni wakho …
KwabaseRoma 5:3-8Kepha akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga nangezinhlupheko ngokwazi ukuthi ukuhlupheka kuveza ukukhuthazela,
ukukhuthazela kuveza ukuqiniseka, ukuqiniseka kuveza ithemba;
ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo.
Ngokuba sisebuthakathaka, uKristu wafela abangamesabi uNkulunkulu ngesikhathi esifaneleyo; ngokuba cishe kungenzeki ukuba umuntu afele olungileyo, kodwa mhlawumbe kungase kube khona ongaba nesibindi sokufela omuhle; kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela.
UJesu wakufela name futhi wangifela ngesikhathi siseyizoni ; ngesikhathi sisexabane naye singamhloniphi .Ngalokhu wasikhombisa ukuthi usithanda kangakanani .
Ngakho ngesikhathi izingxaki zomndeni zifika zihambe , ungakwenza okufana nalokhu na ? Ungabakhombisa ukuthi ubathanda kangakanani ,ngokubekezela kwakho ,nethemba lakho ngabo ,nokuzinikela kwakho ? Ukulungele ukukwenza lokho shlobo sami?
LoNkunkulu uyakuthanda kunye nomndeni wakho phezu kwamagama onke abengachaza .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.