Umsebenzi Wami Nowakho
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaJohane 3:17 Ngokuba uNkulunkulu kayithumelanga iNdodana ezweni ukuba yahlulele izwe, kodwa ukuba izwe lisindiswe ngayo.
Angazi kunjani kuwe kodwa ngibuka konke lokhu okwenzeka emhlabeni –indlela abantu abaziphethe ngayo nangendlela izinto ezibheke khona –qede bese ngicabanga ukuthi yeyi lomhlaba uya esihogweni .
Futhi uyabona ukuthi kulula kanjani ukukhohliseka ngalezizoni eziphambi kwethu esizibona nsuku zasa. Sifuna ukungena emzuluswaneni ophakeme wezenkolo wethu qede sibalahle le kude lababantu ababi , kube sengathi singacela uNkulunkulu avule masinya isihogo sakhe qede abavalele kuso thaqa beshe bangqongqe .
Ngiyazi ukuthi hleze lokho kube ngubuthuntu obuncane bomqondo . Kodwa akuyona yini indlela leyo kwesinye isikhathi esizizwa ngayo. Futhi nebala amaKhrestu amaningi , bonke abazibiza ngabafundi bakaJesu baye bafise ukuziqhelisa bame kude le nalezizoni ezinuka phu isono futhi kube sengathi zingaphonswa le kude ezaleni – lokho sikuzwe kwingaphakathi lethu wena ongafunga ukuthi singcono kunabanye .
Kodwa ngakube yiwona msebenzi wethu lowo? Yilokho uJesu asibizela ukukuphila ?
NgokukaJohane 3:17 Ngokuba uNkulunkulu kayithumelanga iNdodana ezweni ukuba yahlulele izwe, kodwa ukuba izwe lisindiswe ngayo.
Ake sithi ukuma umzuzwana sicabange ngalokho . Uma uJesu engezanga ukuzolahla ngecala izwe ,kanjalo akuwona umsebenzi wethu futhi . Futhi uma uJesu weza ukuzosindisa umhlaba ,nakanjani bekumele kube ngumsebenzi wethu lowo kanye .
Yebo kulula ukukhalaza ngayo yonke nangawo wonke umuntu !Kodwa nginesiqiniseko esikhulu ukuthi akuyona inhloso yokuthi uNkulunkulu enze inhliziyo yakhe ishaye ,iphefumule usuku nosuku .Umsebenzi wethu akukhona ukulahla izwe ngecala ,owethu ngukuzihlela ukuwusindisa umhlaba.
Nembala akulula lokho kodwa ukholwa nguJesu unamandla avela kuYe ukuba semsebenzini waKhe .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.